Usobishini uNgqongqoshe omithise iPhini lakhe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UTony Mwaba Kazadi onguNgqongqoshe wezeMfundo e-Democratic Republic of Congo (DRC), kubikwa ukuthi ukhulelise iPhini lakhe u-Aminata Namasia.

Kodwa uNgqongqoshe uziphendulele ngokuthi ukhulelise iPhini lakhe ngephutha.

Abezindaba bendawo e-DRC babike ukuthi laba oNgqongqoshe ababili bashadile futhi bebephinga.

Lolu daba ludalulwe iNtatheli yase-DRC uLungila John oveze imininingwane ku-Twitter. Ukudalulwa kwalolu daba nokukhulelwa kube ihlazo e-DRC futhi kwasabalala ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana.

Kodwa uNamasia usephendule lezi zinsolo zaba impi yezepolitiki.

“Ngaphandle komsebenzi wami wokusiza umphakathi nginempilo okufanele ihlonishwe yiwo wonke umuntu. Kuyilungelo eliqinisekiswe kuzo zonke izakhamizi zase-Congo ngoMthethosisekelo wethu. Ukungcolisa igama lami akukuhle.

“Eqinisweni angeke nje kulimaze izibopho zami kuphela, kodwa nesithunzi sozakwethu besilisa abashadile kanye nemindeni yabo,” kusho uNamasia.

“Njengoba sisondela okhethweni oluzayo oluhlelelwe uZibandlela kulo nyaka, abagxeki bezepolitiki bavumelekile ukuphikisa imibono yami nezenzo zami kwezepolitiki esikhundleni sokusebenzisa amaqhinga ahlose ukungihlambalaza.”

Akukacaci ukuthi ikusasa limphatheleni usomabhizinisi nosopolitiki uKazadi kanye nalowo asolwa ukuthi uphinga naye uNamasia.

UNamasia ungummeli ngokuqeqeshwa futhi usesebenze emkhakheni wezemfundo iminyaka eminingi. Bobabili uKazadi kanye noNamasia bangamalungu eqembu elibusayo lase-DRC, i-People’s Party for Reconstruction and Democracy.

Uhulumeni wase-DRC ubengakaphawuli ngalesi simo futhi kungenzeka ukuthi bobabili oNgqongqoshe bangase baxoshwe.

Osesithombeni esingenhla: UTony Mwaba Kazadi

Izihloko zakamuva