Usobishini ummeli obize isisebenzi senkantolo ngegama elicwasa ngokwebala

Doreen Mokgolo

Iphoyisa elisebenza eNkantolo yeMantshi yase-Nigel, libizwe ngegama elicwasa ngokwebala eliqala “ngo-K” ngummeli omkhulu kulenkantolo. 

Kusolakala ukuthi ukushintshana kwamagama kuqale ngesikhathi isisebenzi senkantolo uWarrant Officer Johannes Monyakeni, ethi  uphelezela iklayenti lommeli eliyisa esitokisini.

Ngesikhathi esakhuluma neklayenti ebelifuna afonele umndeni walo, ummeli – obexoxa nemantshi – kuthiwa uqale ngokudelela uMonyakeni.

Ngokusho kukaMonyakeni, uthi kubonakale sengathi ummeli ubecabanga ukuthi uhleka into ebeshiwo ngummeli ngesikhathi ekhuluma nemantshi.

Ummeli kuthiwa umbuze ukuthi ngabe lokhu akuxoxa nemantshi kuyihlaya yini. Kuthe engalindele ummeli wamtshela ukuthi akasuke eduze kwabo esebenzisa igama elicwasa ngokwebala eliqala “ngo-K”.

“Kungimangazile ukuziphatha kwakhe ngoba noma yini abexoxa ngayo nemantshi ibingahlangene nami. Ngibe sengiya kobika udaba kukaputeni naye wazama ukuthola ukuthi inkinga ikuphi kodwa ummeli obethukuthele ubengafuni ukuzwa isizathu,” kusho yena.

UMonyakeni uthe uzizwa sengathi usasebenza ngaphansi kombuso wobandlululo lapho abantu abamhlophe babebiza ngokukhululekile abantu abamnyama ngegama elicwasa ngokwebala eliqala “ngo-K”.

Akakwazanga ukuvumela lolu daba lushelele ngakho unqume ukuvula icala elibhekene nommeli.

“Uma sifuna ukulwa nokucwasana kwabantu kumele babhekane nengalo yomthetho,” kusho uMonyakeni.

Udaba njengamanje lusaqhubeka eNkantolo Yezokulingana. Kanti icala lizoqala ukuqulwa mhla zi-14 kuMbasa.

Izihloko zakamuva