USneziey uphila iphupho likamama wakhe

Umama kaSnenhlahla Msomi ushone eneminyaka emine kuphela, kodwa umculi wokholo owaziwa ngoSneziey ukholelwa ukuthi umoya kamama uphila kuye.

Umama wakhe wayengumculi futhi wayefuna ukwenza kakhulu emculweni, kodwa ukufa kwawaqeda amaphupho akhe.

Udumo lukaSneziey lwafika ngesikhathi esengumgijimi wesibili kwi-Idols SA, kuSizini yesi-15.

“Ngikholwa wukuthi umoya kamama ungaphakathi kimi ngoba impilo yami yonke umculo yiyona kuphela into eyenza umgqondo kimi. unginika injabulo engingakwazi ukuyichaza, ”uyasho.

Ekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa uveze ukuthi njengoba umama wakhe ashona esemncane, akukhumbulayo okumnandi ukucula kukamama wakhe.

“Ngemuva kokushona kukamama, bengihlala nomalume nogogo. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi omalume bami bathola amakhosikazi futhi baphuma ekhaya. Bese kuthi ugogo wami wangijwayezs umculo ngisemncane kakhulu,” kusho uSneziey.

Uthe ugogo wakhe ubehlala ehamba naye beya esontweni.

“Yilapho-ke engathanda khona ukucula,” uyasho.

“Bengingeke ngizuze lutho ngaphandle kukagogo wami.”

Uthe ugogo wakhe ugqozi lwakhe futhi lapho ezwa sengathi ufuna ukudela uyamcabanga bese elokhu eqhubekile.

“Ngikhulele emakhaya ahlwempu lapho siphila khona ngalokho ebesinakho. Ngenza isithembiso kugogo wami ukuthi ngelinye ilanga ngiyoshintsha impilo yakhe ibe ngcono,” uyasho.

Uthe uma ecula uzwa ubukhona bukamama wakhe ngaphakathi kuye.

“Ngiyazikhandla ngawo wonke amandla ngoba yilokho abengakwenza. Ngiyezwa ukuthi ngenkathi eshona umoya wakhe weza kimi. Angiyicabangi impilo yami ngaphandle komculo. ”

USneziey ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Izulu lapho ebonga khona uNkulunkulu ngakho konke isekwenzekile empilweni yakhe.

Izihloko zakamuva