Sizwe Sibiya
Sekuphele izinyanga ezine uWill Smith eshaye uChris Rock bukhoma esiteji kuma-94th Academy Awards e-Dolby Theatre e-Los Angeles.
Kodwa lokho akuzange kuvimbe uSmith ukuthi aphinde enze okunye okushiya abantu benkemile. Lokhu ukubiza ngesixoliso esiqondiswe kusomahlaya kwi-akhawunti yakhe yaku-YouTube ngoLwesihlanu ngomhlaka-19 kuNtulikazi ngaphansi kwesihloko esithi “Sekuphele umzuzu…”.
Eqala ngokuphefumulela phezulu ngesikhathi ehla kusofa – njengomlingisi onesiphiwo – uSmith uqale isixoliso sakhe esithathe imizuzu emihlanu.
Akukhona okokuqala exolisa. Uxolise okokuqala kuRock ngombhalo ekhasini lakhe laku-Instagram ngosuku olulandela lesi sigameko.
“Udlame ngazo zonke izinhlobo zalo lunobuthi futhi luyalimaza,” usho njalo ngesikhathi exolisa okokuqala, wengeza ngokuthi ukuziphatha kwakhe “bekungamukeleki futhi bekungenakuthethelelwa”.
Kodwa kubonakala sengathi owayedlala indawo kaFresh Prince akakaze akhululeke selokhu kwenzeke lesi sigameko, akazi ukuthi kumele enze njani, njengoba umshado wakhe noJada Pinkett ungahambi kahle.
“Ngizamile ukukhuluma noChris kanti umyalezo obuyile uthe akakakulungeli ukukhuluma futhi uma esekulungele, uzoxhumana nami,” kusho uSmith kwividiyo.
USmith uthatha elinye igxathu ngokuxolisa emndenini kaRock, unina uRose kanye nomfowabo omncane uTony ake asebenza naye phambilini kwi-All Of Us, uhlelo lwamahlaya abalwenza ngokuhlanganyela ngo-2007.
Futhi sengathi sekunesikhathi engababoni, uSmith uphinde wathatha ithuba ngokuxolisa nasemndenini wakhe “ngokubafaka” bonke obishini.
Ngesikhathi uSmith enza ividiyo ubecwebe izinyembezi kodwa ubebonakala kukhona angafuni ukukusho kule vidiyo, umphakathi awuqiniseki ukuthi ukuxolisa kwakhe kuqotho.
Ngaleso sikhathi uRock naye uthule. Ngokungaqondile ubize uSmith ngomuntu ozenze “isisulu” ngesikhathi enza ihlaya e-Fox Theatre e-Atlanta ngoMgqibelo, kubika i-People. Igama le-Rock’s world tour: i-Ego Death.
Umthombo wesithombe: YouTube