USkomota uyaphila futhi ukahle

Lubhalwe nguRorisang Modiba

“USkomota unempilo enhle, ujabulela ukuphila futhi umatasa ngokubhukha kwakhe.”

Lawa ngamazwi kaKholofelo Makgatha, imenenja kaSkomota.

UKholofelo uthe umculi wakuleli uSkomota (24 uyaphila futhi ukahle.

“Uqhuba kahle uSkomota futhi udla ipapa njengamanje,” kusho yena.

“Usendaweni engcono manje, ugqoke izingubo zikanokusho uphila impilo yakhe.”

Ekhuluma ngamahlebezi okuthi lo mculi ushonile, uKholofelo uthe: “Angazi ukuthi ubani ongasabalalisa amanga amabi kangaka. UNkulunkulu kuphela owaziyo.”

Uphinde wachaza ukuthi ama-akhawunti kaSkomota ezinkundla zokuxhumana awasebenzi okwamanje (hacked).

“Inkundla yakhe yezokuxhumana sekungenwe kuyo ngokungemthetho izikhathi eziningi, okukhombisa ukuthi abantu banomona kangakanani ngaye,” kusho uKholofelo.

Iqembu alineme ngamahlebezi angamanga, kodwa liya phambili.

Muva nje uSkomota ubonakale kwividiyo eduze kwemoto yohlobo lweMercedes-Benz V-Class okuholele ekutheni kube nemibuzo yokuthi ngabe le moto ngeyakhe yini.

Kuqinisekisiwe ukuthi ngeyakhe, kodwa kwathi uma imoto ibonakala kwenye ividiyo, kwaqala amanye amahlebezi.

Abanye abantu bacabanga ukuthi imoto iphukile, kanti abanye bakholelwa ukuthi imoto ebimxhasile, okubangela inkulumompikiswano ku-inthanethi.
Esithombeni esingenhla: Skomota.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva