USjava ne-albhamu entsha 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Abalandeli  baSjava sebabala amahora ngaphambi kokuthi kuphume I-albhamu yakhe entsha.    Uzokhipha i-albhamu yakhe entsha ebhekwe ngabomvu esihloko esithi Isibuko.

Lena i-albhamu yokuqala yalo mculi (39) selokhu ahlukana ne-Ambitious Records eminyakeni emibili edlule.

Lo mculi owawina izindondo ogama lakhe langempela nguJabulani Hadebe wasungula eyakhe inkampani yokuqopha  i-1020 Cartell nyakenye.

USjava uhlanganyele nonjiniyela nomdidiyeli owaziwayo uMfanafuthi “Ruff” Nkosi kwi-albhamu yakhe Isibuko.

Wabhekana nezikhathi ezinzima ngo-2017 ngezinsolo zokudlwengula abekwa zona ngowayeyintombi yakhe umculi uLady Zamar. Lezi zinsolo aziphikayo zangcolisa isithunzi sakhe njengoba wagwenywa ngabagqugquzeli abaningi bomculo.

Waze waphucwa ukuvotelwa ezindondweni ezimbili ze-DStv Mzansi Viewers’ Choice ngo-2020.

NgoLwezi ngo-2020 i-National Prosecuting Authority (NPA) yamemezela ukuthi ngeke ashushiswe ngokudlwengula. I-NPA yathi “abukho ubufakazi obubambekayo” bokumbopha nokumbeka icala.

Kodwa ngemuva kokubekezelela izinhlungu nokucindezeleka uSjava ubonakala ezimisele ukwabelana ngokuningi nabalandeli bakhe abathembekile nge-albhamu ezayo.

Ebhala ekhasini lakhe laku-Instagram, uSjava ugcine ekhulume nge-albhamu yakhe ezayo njengoba eveze isithombe sakhe efake umzimba wakhe emfuleni.

“Isikhathi sokuthatha amandla amasha, ukululama sokuvuselelwa kanye nokuzalwa komphefumulo womculo,” ebhala.

I-albhamu yakhe yokugcina esihloko esithi Umsebenzi (Gold Deluxe) yakhishwa ngoMfumfu ngo-2021.

Lona ophinde abe umlingisi onekhono wazakhela udumo kubalandeli bomculo ngesikhathi ekhipha  izingoma ezithi “Umama”, “Inhliziyo”, “MaDludlu”, “Linda”, “Umcebo”, “Egoli” nezinye eziningi.

Esithombeni esingenhla: USjava

Umthombo wesithombe: Sowetan

Izihloko zakamuva