Usizwe izintatheli obeshawa amalungu omphakathi

Everson Luhanga

“Angiselona ilungu leDudula.”

Lawa amazwi ashiwo uSibongile Ngobese ongumholi we-Alexandra Dudula Movement ngesikhathi eshaywa, efakwa intambo ebhunyelwa ngophethiloli.

Lo wesifazane ubezothungelwa ngomlilo iqulu lezakhamuzi ngesikhathi kungena izintatheli endaweni yesigameko u-Everson Luhanga noJonk waMashamba bezomhlenga.

Lezi zintatheli ezimbili ebezilokhu zibika kabanzi ngombhikisho odalwe iqembu elimelene nabantu bakwamanye amazwe kusukela ngoNhlangulana zishayele umphathi wesiteshi samaphoyisa e-Alexandra uBrigadier Lindiwe Magudulela ukuthi azohlenga lona wesifazane.

Izakhamuzi zase-Alexandra Tsutsumani Ext 7, 8, 9, and 10 zisola amalungu eDudula Movement ngokwenza impilo yabo ibe nzima kusukela ngoNhlolanja. Leli qembu belisola abanikazi bezindlu zomxhaso ngokuba abantu abaqhamuka kwamanye amazwe libaxosha lifake abanye ezikhundleni zabo.

UNgobese obonakala kwividiyo encenga izakhamuzi ukuthi zingamlimazi ubengomunye wabaholi baleli qembu. Selokhu kuboshwe umholi walo uSimon Msayza Rati ngesonto eledlule namanye amalungu angu-13 usephenduke ilungu eliphezulu kunawo wonke.

Iningi lamalungu aboshiwe anikezwe ibheyili ngoMsombuluko ngaphandle kukaRati osavalelwe ejele.

Imithombo engaphakathi emaphoyiseni ithe noma amaphoyisa engenelele ukumhlenga kusenesikhathi, kodwa ungeniswe esibhedlela sase-Tembisa ngemuva kokushaywa kanzima iqulu labantu.

Kodwa usagadwe amaphoyisa njengoba esebhekene namacala amaningi obugebengu ahlanganisa nokuxoshwa ngokungemthetho, udlame emphakathini, ukushaya, nokukhomba ezinye izakhamuzi ngesibhamu.

Uzoboshwa uma esephuma.

Umthombo osondelene ne-Scrolla.Africa ukhombise ithimba lethu uhlu lwabantu abafunwa izakhamuzi  abangamalungu eDudula Movement izakhamuzi zithi zizozibambela zona mathupha. 

Asikho esakhamuzi ebesifuna  ukukhuluma nabezindaba mayelana nalolu hlu noma ngokuhlaselwa kukaNgobese.

Ochungechungeni lwamavidiyo i-Scrolla.Africa enawo aveza izakhamuzi ebezicasukile zibonakala ziphethe imvubu zishaya umholi weDudula.

Kuphinde kuzwakale izakhamuzi zimbuza ukuthi baphi laba besilisa abesabisa nabo izakhamuzi zendawo baphinde baxoshe abantu bendawo ezindlini zabo. 

Bebesebenzisana namalungu e-Alexandra Dudula Movement  ngokucekela phansi nokushiswa kwezitolo eziphethwe osomabhizinisi bakwamanye amazwe.

Baphinde baphoqa izitolo ukuthi zivalwe bacela abantu abaningi ukuthi baveze omazisi babo ukuze baqinisekise ukuthi ngabe abaseNingizimu Afrika noma cha.

Izihloko zakamuva