Usizwe esemzini wakhe isibhamu esibulale (15)

Everson Luhanga

UJabulani Mbele ubesemzini wakhe ngesikhathi abahlaseli abangaziwa begasela endaweni yokucima ukoma badubula kwashona abantu abangu-15 eMdlalose endaweni yase-Orlando East e-Soweto.

Ebeka impilo yakhe engcupheni ngesikhathi kunqamuka ukuqhuma kwesibhamu yena nomunye  wabasindile baphuthume esiteshini samaphoyisa e-Orlando ukuyobika lolu daba. Babe sebebuyela endaweni yesigameko beyolayisha abalimele evenini kaJabulani ngemuva kwalokho babaphuthumisa esibhedlela.

Abanye abasindile balwela izimpilo zabo esibhedlela i-Chris Baragwanath eSoweto.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uJabulani oneminyaka engu-47 uthe ungene ethaveni wezwa abantu bekhala becela usizo.

“Ngithathe abantu abayisikhombisa ngeveni lami omunye umakhelwane wathatha abathathu nge-Polo Vivo yakhe sabaphuthumisa esibhedlela.

“Ngesikhathi sibuya ukuzolanda abanye bese kukhona nomakhelwane bezosiza.”

Uthe ngesikhathi bengaphakathi ethaveni kufike izihlobo ebezizobheka amalungu emindeni yabo.

“Bebesimemeza bebheka abaphilayo besicela ukuthi sibaphuthumise esiphedlela.”

UJabulani uchaze isigameko esihlasimulisa umzimba ethaveni ngemuva kwesibhicongo.

“Kube isiskhathi esibuhlungu ngesikhathi ngibona izidumbu zisakazekile ethaveni negazi ligcwele yonke indawo. Ngaleso sikhathi abahlaseli bese beshaye utshani. Angikaze ngibhekane nesimo esinjena empilweni yami.”

Ngokusho kukaJabulani izinhlamvu zishaye isango lakubo nezinye izingxenye eziningi zodonga lwendlu uze walunguza ngefasitela ezama ukubona ukuthi kwenzakalani.

Ngesikhathi yena nomkakhe belungiselela ukuphuma beyobheka ukuthi kwenzakalani uthe uzwe kuqhuma isibhamu kaningi babe sebethuka balinda ngaphakathi endlini.

Uthe ngesikhathi kuqala ukudubula ubecabanga ukuthi kwenzeka egcekeni lakhe.

“Bengicabanga ukuthi baqonde umqashi wami wesifazane. Bengingazi ukuthi kwenzakalani. Bekuyisigameko esibuhlungu ukudlula kuso. Kodwa ngiyajabula ngokuthi ngikwazile ukusindisa abanye.

Abanye bebekhala ngezinhlungu singakwazi ukubasiza ngoba bebelimele ngendlela ebucayi.”

Izihlobo ezimbalwa zezisulu eziphuthunyiswe esibhedlela zihambe nazo zagibela iveni.

Izihloko zakamuva