Lubhalwe nguRorisang Modiba
Kunezinsolo ezibhekiswe kumrepha zokuthi ukhokhele isihlabani sethenisi ukuze simncome.
Ingoma kaCassper yakamuva ihamba phambili ezinkundleni zomculo futhi iyahlonishwa umhlaba wonke.
Umsakazi uSizwe Dhlomo uncome ukushintsha kukaCassper Nyovest, wathi impumelelo yalo mrepha yenziwa ukungenelela kukaNkulunkulu.
Ekhuluma ku-X (Twitter), uDhlomo uveze imicabango yakhe ngekhono likaCassper lokunqoba izithiyo emsebenzini wakhe wonke.
“Impumelelo kaCassper empeleni ivela kuNkulunkulu. Ngimbonile kaningi enqoba ezimweni ezimbi,” ubhale kuTwitter.
Ukusho lokhu ngemuva kwengoma kaCassper yakamuva ethi Kusho Bani, ehamba phambili ezinkundleni zomculo, futhi uthandwa abantu abayizigidi, yaphinde yahlonishwa umhlaba wonke.
Yize ebhekene nokugxekwa, uCassper usagxile kulokho akuzuzile.
UDhlomo uphinde wamvikela ezinsolweni zokuthi wakhokhela isihlabani sethenisi uSerena Williams ukuze amncome.
Nokho, akubona bonke abavumelana nombono kaDhlomo.
Omunye uthe, “ UCassper akagcotshwanga uNkulunkulu. Ngesikhathi egcina ukukhipha ingoma eshisa izikhotha, u-AKA ubesaphefumula.”
Abanye, nokho, bamvikela uCassper.
Omunye uthe, “Uyawuthanda umculo wakhe yebo noma cha, uyohlezi edumile ngoba unesiphiwo.”
UCassper akakaphenduli kwinkulumompikiswano eku-inthanethi mayelana nempumelelo yakhe.
Esithombeni esingenhla: USizwe Dhlomo noCassper Nyovest.
Umthombo wesithombe: @casspernyovest and @sizwedhlomo