Lubhalwe nguSbongile Nonyana
- Umfanyana (6) uthole ugogo wakhe oyiphoyisa eshonile emzini wabo ose-Limpopo ngeSonto ekuseni.
- Amaphoyisa athungatha isoka lakhe elinyamalale nemoto kamgilwa ngemuva kokuba befike ekhaya ndawonye ngoMgqibelo ebusuku.
Umfana omncane uthole ugogo wakhe oyiphoyisa eshonile emzini wakhe.
Usayitsheni (47) wasesiteshini samaphoyisa sase-Rooiberg e-Waterberg utholwe umzukulu wakhe ngeSonto ekuseni, ngomhlaka-26 kuMasingana.
Ngobusuku obandulela iSonto ufike ekhaya nesoka lakhe. Ngesikhathi umzukulu ethola isidumbu sakhe ngakusasa ekuseni, isoka nemoto kamgilwa bebengasekho.
Omakhelwane babize amaphoyisa ngemuva kokuthola lokhu.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Stephen Thakeng uthe bafice imoto kasayitsheni ishiywe ibanga elingamakhilomitha angu-50 ukusuka emzini wakhe, kuThabazimbi Road ngase-Koedoeskop.
Amaphoyisa awakazi ukuthi ubulawelweni kodwa athi kungenzeka kube udlame lwasekhaya.
Isikhulu samaphoyisa e-Limpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, useyalele amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni awo ukuthola umbulali.
Amaphoyisa afuna ukukhuluma noMalebye Ben Molefe (43) ngoba acabanga ukuthi uyazi ngokwenzekile.
Onolwazi angashayela uColonel Simon Mogale ku-071 479 2329 noma inombolo ye-Crime Stop ethi 08600 10111. Abantu bangasebenzisa i-MySAPS App.
Esithombeni esingenhla: Isoka likagogo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
