Usizi umshayeli wetekisi ehlukumeza  ikhehla 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Sekuphele izinyanga uDavid Chauke ehlukunyezwa futhi eshaywa umshayeli wetekisi wesifazane – manje unovalo lokuthi umfuna eshonile!

Usekubhaceni ohola impesheni wase-Tsakani Ekurhuleni ngemuva kokushaywa umshayeli wetekisi  ngenyanga edlule.

Inkinga yaqala ngoNhlangulana nyakenye ngesikhathi uChauke efuna ukuthi amatekisi endawo ayeke ukupaka phambi kwesango lakhe ngoba ayevimba indlela yakhe yokungena.

Uthe abashayeli babechama eduze kocingo lwakhe – beshiya iphunga elibi.

Ngesikhathi abanye abashayeli bexolisa, omunye umshayeli wanqaba ukulalela. Watshela uChauke ukuthi angalinge amtshele lokho, wathi ngeke atshelwe umuntu ovela ezweni langaphandle ukuthi apake imoto yakhe kuphi.

Wabe eseba nobudlova, waqala ukushaya ikhehla.

Futhi izinkinga azigcinanga lapho. Waqhubeka nokumhlukumeza, eqinisekisa ukuthi upaka phambi kocingo lwakhe njalo uma ethola ithuba.

UChauke utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kumzwise ubuhlungu ukuthi kufanele amncenge nsuku zonke ukuthi asuse imoto yakhe.

“Kusukela lapho uyangithuka njalo uma ethola ithuba futhi omakhelwane nabashayeli basuke bebukela.”

UChauke wake washaywa kabuhlungu yilona wesifazane kwaze kwadingeka ukuthi angeniswe esibhedlela.

“NgoZibandlela wangihlukumeza ngaze ngalala esibhedlela. Uphinde wasabisa ngokuthi uzongiqeda uma sihlangana esidlangalaleni,” engeza.

Kusolakala ukuthi ngoLwesithathu olwedlule umsolwa uzame ukufeza izinsongo zakhe ngesikhathi eshayela ngesivinini esikhulu ezama ukushayisa leli khehla.

“Ngiphunyuke ngenhlanhla, kanti ngesikhathi ebona ukuthi akangishayisanga uye wamisa imoto yakhe wangishaya ngaphambi kokuthi ngisindiswe abanye abashayeli kanye nomkami.

“Sengikhathele ukuhlala ngokwesaba ukuthi ngelinye ilanga angase angibulale. Ngiphuma endlini yami ebusuku kuphela ngoba ngiyazi ukuthi bashayisile futhi bangena ekuseni,” esho.

Okhulumela Inhlangano yamatekisi yase-Springs uLyric Tau uthe bayaluphenya lolu daba futhi balindele ukuthi lo mshayeli wesifazane okukhulunywa ngaye abizwe ukuze kulalelwe icala.

“Uma uphenyo seluphothuliwe sizothinta isisulu mayelana nalolu daba.

“Siyivakashele le ndawo sabona izingqinamba isisulu esibhekene nazo futhi sizozama ukuthola ezinye izindlela zokubhekelela abashayeli nomndeni,” engeza.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani uSayitsheni Lerato Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokushaya.

“Umsolwa usazoboshwa futhi uphenyo luyaqhubeka,” esho.

Esithombeni esingenhla: UDavid Chauke

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva