
Celani Sikhakhane
Iphinde yasala ingenamanzi imiphakathi esifundeni sasoThukela KwaZulu-Natali esikhahlanyezwe isimo esingesihle ngemuva kwezinsolo zokuthi kukhona izigelekeqe ezicekele phansi ingqalasizinda yamanzi kule ndawo.
Lokhu kuvezwe iMeya kaMasipala wasoThukela uMnu uNkosingiphile Shabalala ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu eMnambithi.
UShabalala uthe sebeqale uphenyo lwangaphakathi ukuze bathole ukuthi ngubani ogangayo.
“Amapayipi amaningi amanzi alimele asazi ukuthi ubani owenze lokhu. Sisola ukuthi kukhona ukucekelwa phansi ngamabomu,” kusho uShabalala.
UMasipala udalule ukuthi ingqalasizinda icekelwe phansi ebusuku.
“Balimaza amapayipi amanzi ngezinto ezicijile bese befaka isigubhu esingenalutho se-Coca-Cola ngaphakathi kulawo mapayipi ukuze kuvinjwe ukuhamba kwamanzi emiphakathini,” kusho uShabalala.
Ngonyaka ka-2012, ingqalasizinda kuloMasipala yacekelwa phansi. Abasebenzi bakamasipala ngokuhamba kwesikhathi baboshelwa ukucekela phansi amapayipi kodwa amacala abo ahoxiswa.
Omunye wabasolwa ngowayeyiMeya uMnu uStanley Dladla owashona icala lisaqhubeka.
Kuthiwa iMeya engasekho kanye nabasebenzi ababoshwe ngoKlebe bahlomula ngethenda yamanzi ka-R140 million oThukela.
Ukushoda kwamanzi kuphazamise izindawo ezifana noMnambithi, uMtshezi, iPhayekeni, eZakheni, ne-Driefontein nezindawo eziningi okuhlanganisa nezikole.
Elinye ilungu lomphakathi eZakheni, uMelusi Mazibuko lithe sekunesikhathi eside bekhala ngokushoda kwamanzi ngaphandle kokuphendulwa uMasipala wesifunda.
UShabalala uthe bavala ukukhishwa kwamaloli athwala amanzi ukuze kunqandwe inkohlakalo futhi bazosebenzisa amaloli athwala amanzi angaphansi kukaMasipala ukweseka imiphakathi ebhekene nokuphela kwamanzi.
I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi uDladla wayenamaloli athutha amanzi ayesebenza nakwabanye oMasipala eKZN ngesikhathi eyiMeya.