Usizi umndeni uzithwalela ibhokisi lomngcwabo

Moyahabo Mabeba

Umshayeli wemoto ethwala izidumbu kuthiwa unqabile ukuhambisa ibhokisi emathuneni asesigodini sakwa-Ga-Masenya, ngaphandle kwase-Mokopane, ekhala ngesimo esibi somgwaqo ongenela khona. 

NgoMgqibelo umndeni wakwaPhaleng obushonelwe uphoqeleke ukuthi uthwale ibhokisi, uhambe nalo cishe ikhilomitha uyongcwaba umama wawo uSalome.

Imoto yezidumbu ihlulekile ukuhamba emgwaqeni onemigodi edalwe yizimvula zakamuva.

Umgwaqo osuka ekhaya lakwaPhaleng uvamise ukusetshenziswa ngamaloli asezimayini, kodwa uma kufika isikhathi sezimvula kwawona amaloli awakwazi ukuhamba kuwona.

Indodana kaSalome, uMajan ithe umshayeli wemoto ethwala izidumbu uqale wavuma ukulayisha ibhokisi kodwa ngemuva kokushayela amamitha ambalwa, uvele wamisa imoto wenqaba ukuqhubeka.

“Ngesikhathi esitshela ukuthi asilehlise ibhokisi yilapho okuqale khona ingxabano simtshela ukuthi sizikhokhe zonke izindleko zokungcwaba,” kusho uMajan.

“Kodwa wasitshela ukuthi umgwaqo mubi kakhulu angeke akwazi ukulimaza imoto yakhe ebizayo. Sibe sesiphoqeleka ukuthi sibambe ibhokisi ngezandla siqonde emathuneni.”

UMnu uMartha Masenya, oyilungu lomphakathi elikhathazekile, uthe izakhamuzi zase-Mogalakwena kade zazibhikisha zifuna kulungiswe imigwaqo, kodwa umasipala awenzi lutho.

UMasipala wase-Mogalakwena ungomunye womasipala ohlulekayo ukuhambisa izidingo zomphakathi njengoba imigwaqo igcwele imigodi.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, imeya esanda kukhethwa uNgoako Tauatswala ibize uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi esifundazweni uNamane Dickson Masemola ngenhloso yokuthola isixazululo kulesi simo esibi semigwaqo edolobheni lase-Mokopane kanye nelokishi lase-Mahwelereng.

“Siyavuma ukuthi imigwaqo yethu idinga ukulungiswa ngokushesha futhi ngenxa yezinkinga zesabelomali, sinqume ukucela usizo emnyangweni wesifundazwe,” kusho uTauatswala.

UMasemola, obevakashele kule ndawo ephelezelwa izikhulu zophiko lwezemigwaqo e-Limpopo, ukuqinisekisile ukuthi osonkontileka ababili sebeqalile ukulungisa eminye yemigwaqo.

Izihloko zakamuva