Usizi umholi womphakathi ebulawa ngenxa yokuzinikela kwakhe 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umholi womphakathi waKwa-Thema, uTshepo Mwelase, udutshulwe wabulawa ngoMgqibelo ebusuku ngamadoda angaziwa.

UTshepo ubelokhu esekubhaceni kusukela nyakenye ngesikhathi ehola umkhankaso wokususa izitolo eziphethwe abaphuma emazweni angaphandle endaweni eseduze nendawo okulahlwa kuyo udoti e-Rietfontein. 

Kusukela lapho, azisekho izitolo eziphethwe abaphuma emazweni angaphandle kule ndawo njengoba izakhamizi sekuyizo eziphethe izitolo.

UMwelase (44) udutshulwe wabulawa ngesikhathi exoxa nomngani wakhe ekhoneni ku-Kgaswane noMonyane Street Kwa-Thema ngehora lesishiyagalombili ebusuku. 

Okhulumela amaphoyisa ase-Ekurhuleni, uKaputeni Neldah Sekgobela uthe kusolakala ukuthi kufike abasolwa ababili kanti oyedwa ubehlome ngesibhamu.

“Basondele kuye badubula emoyeni base bemdubula kabili kwisingenhla somzimba wakhe,” kusho uSekgobela.

Uthe bahambile kodwa babuya ngemuva kwesikhashana lapho abelele khona bamdubula kathathu.

“Babe sebebaleka. Abezimo eziphuthumayo baqinisekise ukuthi ushonile endaweni yesigameko.”

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uMnuz Nhlanhla Mbatha naye ongumholi womphakathi uthe uTshepo ubephila esikhathini esibolekiwe njengoba ebehlezi efunwa kuwo wonke amakhona ngabantu abahlukene.

“Abanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle bathe bazomthengela imoto, umuzi, bamnikeze imali engu-R60 000 ngenyanga ukuze ayeke ukulwa,” kusho uNhlanahla.

“Endaweni yokulahla udoti, watshelwa ukuthi uzonikwa u-R500 iloli likadoti ngalinye elalingena endaweni yokulahla udoti nsuku zonke kodwa ngenxa yokuthi uTshepo wayengumholi, wakunqaba lokho.”

Izinkabi zihlulekeli ngoMasingana ngesikhathi kususwa amakhontheyna nge-crane, kwabulawa oshayela wona u-crane. “Usinde kaningi – kwaze kwaba manje,” kusho uMbatha.

Umamncane kaTshepo, uMatebogo Tagane uthe njengomholi womphakathi olwela izidingo zabantu, bekungamfanele ukushona ngale ndlela.

“Bambulale sengathi babulala isilwane. Bebehlose ukumbulala ngoba babuyele emuva beyomdubula futhi,” kubalisa uTagane.

“Baphumelele emsebenzini wabo. Usuku lwabo lokushona luyofika njengoba kungekho muntu ophila phakade. Sengathi kungake kungabi nesihluku ngendlela umshana wami ashone ngayo.”

Esithombeni esingenhla: UTshepo Mwelase.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva