
Doreen Mokgolo
Ubabaza isihluku sabesilisa ababili umndeni womfundi oshaywe waze washona emagcekeni esikole.
Ngesikhathi uNhlanhla Shabangu (15), enquma ukuya esikoleni esingumakhelwane eyohlangana nentombi yakhe ngoMsombuluko, ushayelwe ukuthandana nentombazane yakwesinye isikole. Ukwazile ukubaleka washiya ubhaka wakhe nomakhalekhukhwini wakhe.
Kodwa uma kuwukuthi umfundi webanga lesishiyagalolunye ofunda esikoleni samabanga aphezulu i-Reshogofaditswe ubecabanga ukuthi usinde esimweni esibi futhi ubesephephile, ubenephutha.
Ngosuku olulandelayo uphindele esikoleni samabanga aphezulu i-Tsakani, lapho ayeshaywe khona eyolanda izincwadi zakhe. Kodwa umsizi wasesikoleni ubengafuni kuzwa lutho ngakho.
Kwividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana kubonakala owesilisa (okusolakala ukuthi ungumsizi) nowesilisa ohlonzwe njengothisha beshaya uNhlanhla bemgcindezele phansi ngaphandle kwamagceke esikole ngesikhathi abafundi bejabula.
Uyise obesosizini u-Oupa Shabangu uthe uthukile ngesikhathi indodana yakhe ifika iphuma esikoleni ihamba namaphoyisa.
“Basazise ukuthi ubandakanyeke empini uthishomkhulu wabe esebiza amaphoyisa,” kusho u-Oupa.
“Ngemuva kwehora uqale ukuhlanza igazi samphuthumisa esibhedlela i-Pholosong kodwa kwathiwa useshonile ngesikhathi sifika esibhedlela.
Ubaba wengeze ngokuthi bebengazi ukuthi isigameko sokushaya singakanani waze wathola le vidiyo.
Umndeni ufuna ukuthi labo abenesandla ngokushona kwendodana yabo bajeziswe.
NgoLwesithathu ekuseni, ngesikhathi ubaba wesisulu eya esikoleni eyolanda ubhaka wendodana yakhe, kuthiwa uzwe umnakekeli eqhosha kozakwabo ngendlela ashaye ngayo indodana yakhe.
Uthe ufundise indodana yami isifundo sokuthi noma ikuphi lapho ekhona, usezinhlungwini futhi uzipholisa amanxeba,” engeza.
Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani uSayitsheni Lerato Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi kunophenyo ngokushona komfana.
“Okutholwe ophenyweni kuzoholela ekutheni icala liguqulwe libe uphenyo lokubulala,” echaza.