Usizi umfanyana ebulawa i-pitbull kamakhelwane

Lubhalwe nguTladi Moloi

I-pitbull kamakhelwane ibulale u-Olebogeng Mosima (8) e-Vista Park e-Bloemfontein, e-Free State ngoMgqibelo ntambama.

Kusolakala ukuthi inja yeqile lapho ebivalelwe khona yagxuma yawela uthango yangena emagcekeni akwaMosima ngaphambi kokuthi ihlasele umfanyana omncane obezama ukunikeza umakhelwane ukhiye.

Inja imlume kabuhlungu entanyeni nasesifubeni.

Umamncane ka-Olebogeng, uGalaletsang Mogoere uthi bebephuma edolobheni nomfanyana ngesikhathi ingane yakwamakhelwane ibatshela ukuthi inja isegcekeni labo.

Umndeni awuzange uyibone ngokushesha inja ngoba ibifihlwe igaraji.

“Basishayele ucingo becela ukhiye ukuze bazosivulela isango bezolanda inja kodwa sibatshele ukuthi ngeke sikwazi ngoba asazi ukuthi inja ikuphi,” kusho umamncane.

Uthi umakhelwane ubacele ukuthi baphonse ukhiye, nokuyinto abayenzile kodwa ukhiye wokuqala awuzange ufinyelele kubo.

“Ngesikhathi sizama ukubanikeza ukhiye wesibili inja iye yagxuma yabamba umfanyana. Udadewethu ongunina ka-Olebogeng uzamile ukumsindisa kodwa inja yanqaba ukumdedela waze washona,” esho.

Kuthiwa abanye omakhelwane besilisa bagxumele egcekeni bezosiza kodwa inja ebinenkani ayizange imdedele.

“Sikholelwa ukuthi ngabe simsindisile ukube bekungolunye uhlobo lwenja,” esho.

ULawrance Tshabedi wezimo eziphuthumayo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uthunyelwe e-Vista Park mayelana nenja ebihlasela ingane. Uthe ngesikhathi efika uthole ingane ilele ngasegaraji isishonile.

UTshabedi ubone inja ye-pitbull igcwele igazi wase eyabaleka.

Inja idutshulwe ngamaphoyisa yafela khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thabo Covane usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa ase-Mangaung avule idokodo lophenyo

Ngenyanga edlule inhlangano i-Sizwe Kupelo yethule incwadi yezikhalazo ku-inthanethi ithi makuqedwe ukufuywa kwama-pit bull.

Bangaphezu kuka-50,000 abantu asebesayine le ncwadi kuze kube manje.

Esithombeni esingenhla: U-Olebogeng Mosima

Umthombo wesithombe: sithunyelwe

Izihloko zakamuva