Usizi umfanyana (8) edlwengulwa uyise

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngesikhathi izwe lonke ligubha isonto lokuvikelwa kwezingane umfanyana (8) ubekezelele uhlobo olubi kakhulu lokuhlukunyezwa nguyise.

Amalungu omphakathi aseMgababa ngaphandle nje kwase-Peddie, e-Eastern Cape abikele amaphoyisa ngokuhlukunyezwa nokuphathwa kabi kwengane.

Amaphoyisa afike endaweni yesigameko afica umfanyana eyedwa endlini eboshwe ngamaketango, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu.

Ingane iphuthunyiswe esibhedlela yase idedelwa ngoMgqibelo ukuthi inakekelwe ugogo wayo.

UNaidu uthe ubaba (53) ongeke adalulwe igama ukuvikela ingane ukuthi ingubani selokhu abaleka kusukela ngomhlaka-31 kuNhlaba.

Kodwa-ke, ngemuva kophenyo olunzulu lophiko olubhekelela ukuvikelwa kwezingane kanye namacala luthole uyise womfanyana ecashe emzini wesihlobo e-NU11, e-Motherwell e-Gqeberha.

Umsolwa uboshelwe izinsolo zokudlwengula nokuhlukumeza indodana yakhe kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Peddie ngoLwesibili.

UKhomishana wesifundazwe uLt General Nomthetheleli Mene uzwakalise ukushaqeka nokudabuka kwakhe ngempatho enonya kulo mfanyana.

“Kuwumthwalo wethu njengabazali kanye nabanakekeli ukulawula nokuvikela izingane zethu kodwa-ke, kubuhlungu kakhulu uma bona laba bantu beba abenzi bobubi esikhundleni sokuba abavikeli.”

“Njengoba sigubha isonto lokuvikelwa kwezingane kumele silwele ukungabubekezeleli ubugebengu obubhekiswe ezinganeni njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo wethu kanye nakuMthetho wezingane,” kusho uMene.

USihlalo we-Eastern Cape Men for Change, uColonel Sivuyile Nqaphi uthe kubalulekile ukuqinisekisa ukuphepha kwengane yomfana.

“Ukuvikela ingane yomfana nokuqinisekisa ukuphepha kwayo kufanele kuze kuqala. Uma kungekho muntu onakekela ingane yomfana sikhanda umphakathi wamadoda anolaka,” esho.

Esithombeni esingenhla: Isithombe esiwumfanekiso

Umthombo wesithombe: SAPS/Facebook

Izihloko zakamuva