Usizi umfana eshona nomamncane wakhe

Dalphine Tagwireyi

Usuku olujwayelekile lokubheka okwenzakalayo epulazini ligcine ngenhlekelele ngesikhathi umfana (12) kanye nomamncane wakhe bephoseka esiseleni esigcwele ummbila.

UKerneels Rautenbach osemncane ubesiza umndeni wakhe epulazini lakubo e-Standerton eMpumalanga ngoLwesihlanu ngesikhathi eshibilika ewela esiseleni.

Umamncane kaKerneels, uJackie Rautenbach uzwe umfana ememeza ecela usizo wazama ukumhlenga kodwa naye wawela esiseleni.

Bobabili baphelelwe umoya baze bashona.

Okhulumela umndeni, uMatthew van de Merwe uthe ngemuva kokuthi umama kaKerneels, uSelmari emshayele ucingo ecela usizo, umphakathi uphume ngobuningi ukuzosiza.

“Awekho amagama angachaza indlela umndeni nomphakathi ozizwa ngayo. Siphatheke kabi, silahlekelwe yindodana nomamncane obezama ukuyihlenga. Babhekane nesiphetho esibuhlungu sezimpilo zabo,” esho.

Abezimo eziphuthumayo baqinisekisile ukuthi umamncane nomfana bashonele endaweni yesigameko.

UKerneels uchazwe ngabafundi besikole samabanga aphansi i-Laerskool Standerton njengomfana olungile obenenhliziyo enhle.

“Izinhliziyo zethu zibuhlungu kanti siswele namagama. Ngesikhathi esincane obenathi ngaso uthinte izinhliziyo eziningi, siyohlezi sikukhumbula,” kusho isitatimende sesikole.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe amaphoyisa ase-Standerton ayaphenya.

“Kuvulwe idokoto kanti amaphoyisa aphenya ngezimo ezithinta lesi sigameko esishaqisayo. Akukho okusolisayo ngalesi sigameko,” esho.

Umthombo wesithombe: @JacarandaFM

Izihloko zakamuva