Dylan Bettencourt
Abantu baseNingizimu Afrika kumele bazilungiselele isigaba sesithupha sokucishwa kukagesi ngokushesha uma u-Eskom ephelelwa udizili namanzi. Lokhu kusho ukuthi ukucishwa kukagesi kuzosetshenziswa ngamabhulokhi amahora amane esikhundleni samabhulokhi amahora amabili, okuphinda kabili isikhathi abantu abazobe besebumnyameni ngaso.
“Lolu wusuku lwesine lokusebenziswa kodizili kakhulu, njengoba izindawo zosizo eziphuthumayo ziwuqeda ngokushesha kunokuthi ziwugcwalise,” kusho abakwa-Eskom esitatimendeni.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iyunithi ngayinye eziteshini zikagesi i-Kendal, i-Duvha, i-Camden neKusile zilimale.
Isigaba sesithupha sisho ukuthi u-6,000MW wehliswa kwi-grid ukuze kugwenywe ukuthi uhlelo lungazinzi.
NgoLwesithathu ekuseni u-Eskom umemezele ukuthi isigaba sesine sizoqala ukusebenza kulandela ukungasebenzi kwamayunuthi ngobusuku obubodwa.
“Kuyadumaza ukuthi abakwa-Eskom kufanele bazise umphakathi ukuthi ukwehluleka ukusebenza kwansuku zonke kwamayinithi aphehla ugesi kwenze ukuthi kuqalwe kabusha ukucishwa kukagesi kwesigaba sesine kusukela ngo-9 ekuseni namhlanje,” kusho isitatimende.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba isikhulu esiphezulu kwa-Eskom uJan Oberholzer uthe kubalulekile ukulinganisa izinsiza eziphuthumayo ukuze kugwenywe inkinga enkulu kakhulu.
Uthe u-Eskom uthathe isinqumo sokusebenzisa isigaba sesine sokucisha ugesi ngenhloso yokugwema isigaba sesithupha sokucishwa kukagesi.
Izinyathelo eziphuthumayo zenziwe ngezintatha zangoLwesithathu ekuseni njengoba iziteshi eziphakela ugesi bekufanele zivule izinjini zikagesi ezijikelezayo ukuze zisekele uhlelo lwayo.
Ama-turbine egesi abiza u-R700,000 iyunithi ngayinye ngehora futhi adinga amalitha angu-14 kadizili umzuzwana ngamunye, kwengeza u-Oberholzer.
U-Oberholzer uthe amayunithi amathathu enkampani asengozini enkulu kanti amanye amayunithi angu-10 asengozini.
“Njengoba sinezinselelo ezinkulu zamayunithi ehlayo, siphinde sisebenze ngamayunithi asengozini,” esho.
Ukwenza izinto zibe zimbi kakhulu, u-Oberholzer uthe amayunithi angu-80 adinga ukulungiswa.
Umphathi wakwa-Eskom uPhillip Dukashe uthe siyakhathaza isibalo sokuwa kukagesi kulezi zinsuku.
“Kulezi zinsuku ezintathu ezedlule, sibone ukuwa kukagesi okuningi kunalokho ebesikulindele futhi kuyakhathaza. Siphenya konke futhi siyaqinisekisa ukuthi sinesizathu ngalokhu kuwa kukagesi,” kusho uDukashe.
Umthombo wesithombe: @BusinessTech