Usizi ugogo eshonelwa ngabazukulu ezikhukhuleni

Sihle Mkhize

Umndeni wakwaQwabe, olahlekelwe yizingane ezine ezincane ezikhukhuleni ngempelasonto uvakashelwe nguMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesithathu ngesikhathi ehambela imiphakathi ekhahlamezekile KwaZulu-Natal.

Izidumbu zezingane ezintathu, zonke ezineminyaka ephakathi kwemithathu neshumi nanye, sezitholakele – kodwa ingane eyodwa isadukile.

Ukhungathekile ugogo wabo uNelisiwe Qwabe. Ephelezelwa umakhelwane, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMengameli uthembise ukukhokhela umngcwabo wabazukulu bakhe.

“UMengameli uRamaphosa uthembise ukuthi uzongixhasa ngemali yokungcwaba abazukulu bami abathathu njengoba ngishonelwe yizingane ezine ezineminyaka ephakathi kwemithathu neshumi nanye kodwa enye namanje ayakatholakali. Ngenxa yalokhu asikanqumi ukuthi yiluphi usuku engizongcwaba ngalo izingane zami,” kusho uNelisiwe esendaweni yokukhosela yesikhashana, njengoba umuzi wakhe ucekeleke phansi.

Ukhumbula ngobusuku behlukana naye. Uthe ubelele ubuthongo nezingane ziseduze kwakhe ngesikhathi umjondolo wabo ugugulwa yizikhukhula.

Ithimba lethu livakashele endaweni yesigameko lapho umjondolo wakhe  oguguleke khona. Le ndawo iseyingozi, ngakho uMengameli welulekwe ukuthi angalubeki unyawo lapho, kodwa uye wavakashela lapho okuphephe khona umndeni wakwaQwabe okhoseliswe okwesikhashana.

“Kubuhlungu kakhulu ngoba ngabhalisela indlu yomxhaso eminyakeni emihlanu edlule. Kodwa kuze kube namuhla angikaze ngiyithole indlu yami. Ngiyangabaza ukuthi izinhlelo zokuhlaliswa kwabantu zisemthethweni futhi zivinjwe yinkohlakalo,” esho.

Umakhelwane uNksz Nomfundo Mkhwanazi uthe izindlu eziningi nemijondolo yaseLindelani yakhiwe esihlabathini somfula, indawo eyingozi kakhulu futhi ekwazi ukuguguleka kalula uma kunezimvula ezinamandla.

“Uhulumeni wethu esimthandayo kumele asebenze ngokushesha ikakhulukazi kulabo bantu abahlala eduze nosebe lomfula, akhe izindlu ezifanele ezinesizotha nesisekelo esiqinile. Njengoba ubona, leli lokishi ligcwele abantu abaningi abahlala lapha abangasebenzi,” esho.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi le ndawo ayinawo ugesi kanye namanzi kusukela ngoMgqibelo.

UMengameli uRamaphosa ubephelezelwa abaholi bakazwelonke nabezifundazwe abafana noNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, uNgqongqoshe we-CoGTA uNkosazana Zuma, uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMondli Gungubele kanye noNdunankulu waseKZN uSihle Zikalala phakathi kwabanye.

Scrolla World Cup Quiz