Usizi osemusha wase-Eastern Cape ebulawa isifo samathambo esingavamile

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

UYamkela Seplane obenesifo samathambo esiyivelakancane ushone eneminyaka engu-15 ubudala.

NgoLwezi i-Scrolla.Africa sabika ukuthi kwadingeka ukuthi uYamkela ayeke isikole e-Tina Falls, e-Qumbu, e-Eastern Cape ngemuva kokuthi kutholakale isifo samathambo esingandile engalweni yakhe.

Kodwa-ke, usizi lwakhe lwaqala eminyakeni emibili edlule ngomhlaka-25 kuLwezi ngo-2021 ngesikhathi uMnyango wezeMpilo uvakashele isikole sakhe samabanga aphezulu i-Shawbury e-Qumbu e-Eastern Cape ukuyogoma abafundi.

Ngaleyo ntambama ingalo yakhe yaqala ukuvuvukala.

Ukuvuvukala okubuhlungu engalweni yakhe kwamvimbela ukuthi agqoke izingubo zakhe azithandayo, achithe isikhathi enza noma yiziphi izinto azithandayo noma avakashele abangani bakhe.

Ngenxa yokugula kwakhe uYamkela wabe esedluliselwa esibhedlela sase-Frere, e-East London ukuze kuqhutshekwe nophenyo lokwelashwa. Kwadingeka ukuthi alashwe ithimba lodokotela abahlukahlukene okuhlanganisa nodokotela bomdlavuza, abahlengikazi abangochwepheshe kanye nosonhlalakahle.

Ngalesi sikhathi umndeni wawuthola ukwelulekwa kabanzi mayelana nesifo sakhe.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape, uYonela Dekeda uthe akukho ukuxhumana phakathi kokugula kukaYamkela nokugonyelwa i-Covid-19 akuthola ngo-2021.

“Siyakuqinisekisa ukuthi ukuhlolwa kwahlelwa umndeni esibhedlela sase-Frere esachaza impendulo yethimba lezokwelashwa ukuthi akukho ukuhlobana phakathi kwesifo sakhe nokugonyelwa i-Covid-19,” esho.

UDekeda uzwakalise ukushaqeka nokudabuka komnyango ngezindaba zokudlula emhlabeni kukaYamkela ngoba ukholelwa ekutheni usizo abeluthola belwanele ukuthi alulame Uthumele amazwi enduduzo emndenini.

UYamkela ushone ngoMsombuluko ntambama esibhedlela i-Sulenkama e-Qumbu kanti umndeni wakhe uqinisekise ukuthi amalungiselelo okufihlwa kwakhe ayaqhubeka.

Esithombeni esingenhla: UYamkela Seplane oshone ngasekuqaleni kwaleli sonto

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva