Usizi ngowesifazane obulawe umama kanye nomamncane wakhe

Moyahabo Mabeba

Ngesikhathi uLebo Lediga etholokala eklinyiwe, ngokushesha isoka lakhe ebelimhlukumeza laba umsolwa wokuqala wamaphoyisa. Laboshwa ngokushesha kodwa labuye ladedelwa ngenxa yokushoda kobufakazi.

Kuboshwe umama kanye nomamncane kaLebo ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili futhi babekwa icala lokubulala.

NgoNhlaba nyakanye uLebo owayeneminyaka engu-32 ubudala watholakala eklinyiwe egumbini lakhe e-Mankweng Extension 10 ngaphandle kwase-Polokwane e-Limpo.

Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo lwamaphoyisa, kwavela ukuthi omunye umlisa ongumngani kaLebo wakhokhelwe imali engu-R18 000 yokuthi ambulale ekhokhelwa ngumama wakhe uStephina kanye nomamncane wakhe uMakgomo.

Umsolwa waboshwa kodwa wavuma ukuba ufakazi wombuso watshela amaphoyisa ukuthi ngumama kaLebo kanye nomamncane wakhe abamklinya.

NgoMsombuluko, laba besifazane ababili baye baboshwa babekwa icala lokubulala.

Bavele okokuqala eNkantolo yeMantshi yase-Mankweng lapho icala labo lihlehliselwe uLwesine.

Lesi sigameko sithuse abantu abaningi ezigodini eziningi futhi abahlali abaningi bathi uStephina noLebo abakaze babe nobudlelwano obukahle.

Omunye womakhelwane uthe uStephina waqala ukuphatha indodakazi yakhe kabi ngonyaka odlule. Ngokusho komakhelwane, umndeni waqala ukuxabana ubanga imali ngesikhathi unxeshezelwa ngokudutshulwa kukamfowabo omncane kaLebo uKgaogelo, owadutshulwa ngephutha yinkampani yonogada eGoli.

Omakhelwane bathe “besihlezi sizwe izingxabano zabo kubangwa le mali kusukela ngasekuqaleni konyaka odlule”.

“Sake sezwa uStephina etshela uLebo ukuthi ufisa sengathi angafa amshiye ngokuthula”.

Umngani omkhulu kaLebo, uJacky Kganyago, uthe wayejwayele ukumduduza ngesikhathi ehlukunyezwe yisoka lakhe nomama wakhe.

“ULebo ubengaphansi kwengcindezi enkulu. Uma kungasilo isoka lakhe elimhlukumezayo bekuba ngumama wakhe. Ngamzwela ngesikhathi edliswe ushevu ehlanza izinto eziluhlaza. Akuphelanga sikhathi esingakanani wabe eseklinywa washona”.

UBrigadier Motlafela Mojapelo wamaphoyisa ase-Limpopo ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba besifazane ababili.

“Uphenyo lwethu luveze ukuthi ngumama nodadewabo abakhe isu lokubulawa kwendodakazi yabo”, esho.

Izihloko zakamuva