
Celani Sikhakhane
Kuleli sonto umholi we-DA KwaZulu-Natali, uMnu Francois Rodgers, ehambisana namakhansela eqembu lakhe eThekwini bachithe ubusuku obubili obufana nesihogo kolindela eMathe e-Lamontville, eNingizimu yeTheku.
“Ngilale kwelinye lamagumbi womndeni wakwaNdlela. Isimo asisihle futhi siyichilo,” kusho uRodgers etshela i-Scrolla.Africa.
“Okubuhlungu kakhulu ukuthi umphakathi wonke unendlu yangasese eyodwa kuphela. Lolu daba ngiludlulisele kwiKhomishini Yamalungelo Abantu nakuhulumeni wesifundazwe,” kusho uRodgers.
Ngo-2009, ngaphambi kweNdebe yoMhlaba yango-2010, abantu basuswa ezindlini zabo ukuze kuthuthukiswe inkundla yezemidlalo iKing Zwelithini.
Bafakwa kolindela ngesithembiso sokuthi bazohlomula ohlelweni lwezindlu olubiza u-R1 billion e-Cornubia.
Ngemuva kweminyaka engu-11, namanje abahlali basahlala kolindela.
Eminyakeni embalwa edlule usozigidi uTokyo Sexwale wachitha isikhathi emijondolo e-Soweto. Kodwa akazange achithe ubusuku lapho, ngoba wayekhononda ngamakhaza nezimo ezingaphephile.
URodgers uthe abantu abadala bahlala futhi balala egumbini elilodwa nezingane zabo.
Kuze kwadingeka ukuthi acele amalungu omndeni ukuthi alale kwenye indawo ngoba ubengakwazi ukulala nokugeza phambi kwezingane.
“Cabanga nje ukuthi laba bantu baphila le mpilo mihla namalanga, lokhu esikwenzayo asikwenzi ngoba sikhankasa,” kusho uRodgers.
Amakhansela e-DA athukwe ngamakhansela e-ANC emkhandlwini kaMasipala weTheku uma ekhuluma ngalolu daba.
Atshelwe ukuthi “amhlophe” nokuthi “angamakhukhunathi” ngakho-ke awazi lutho ngezimo zenhlalo yaboHlanga.
Ngo-2020 kwabikwa ukuthi umphakathi wase-Lamontville wawulwela ukuthi kususwe umphakathi okolindela, njengoba wawusola lo mphakathi ngokuphendula ilokishi lawo indawo engcolile.