Usizi ngomfundisi ominze nelungu lebandla lakhe

Doreen Mokgolo

Kuminze umfundisi nelungu lebandla lakhe emfuleni i-Blesbok Spruit e-Nigel ngesikhathi beyokwenza umkhuba wesintu ovula izinhlanhla ngeSonto ekuseni.

Umfundisi uSamson Mosene kanye nabazalwane bebandla lakhe uThembani Mkhwanazi kanye noKenny Mazibuko bebeme ngasosebeni lomfula, lapho abaqale khona ukwenza lo mkhuba.

UKenny, osinde ngokulambisa kulesi sigameko esibi, uthe ngesikhathi befika umfula ubunamandla kakhulu.

“Kodwa umfundisi wasiqinisekisa ukuthi uyayazi into ayenzayo wathi ngabangenalo ukholo oluqinile abasabayo,” usho kanje.

Umfundisi uMosene ube esengena emanzini, kodwa washelela ngesikhathi esathandaza emfuleni.

“Uye wakhukhuleka futhi ubekhala ecela usizo. UThembani ugxumele emfuleni eyohlenga umfundisi kodwa naye waminza,” kusho uKenny.

“Angikwazanga ukubeka impilo yami engcupheni ngokuzama ukuhlenga laba ababili ngakho ngibize amaphoyisa ukuthi azongisiza.”

Umhlali wendawo uNomsa Masango uthe kuyaziwa emphakathini ukuthi umfula uyingozi kangakanani uma kuyisikhathi sezimvula.

“Kade sixwayisa izingane zakule ndawo ukuthi zingabhukudi kulo mfula ngoba ziningi izingane ezashona eminyakeni edlule. Kubi kakhulu manje ngoba kunemvula enamandla enetha izinsuku eziningi. Umfula ubukeka uyingozi ngisho ukude,” usho kanje.

“Angiqondi ukuthi kungani abantu abadala ababili becabange ukuthi kuwumqondo omuhle   ukungena emfuleni onamandla nokubeka izimpilo zabo engozini”.

Okhulumela amaphoyisa ase-Nigel uNelisiwe Dwaba uthe abatshuzi abangamaphoyisa babizelwe endaweni yesigameko.

“Isidumbu sowesilisa sitholwe endaweni engamakhilomitha amabili kodwa umfundisi akakatholakali,” esho.

UDwaba unxuse abahlali abakhelene ne-Nigel ukuthi bagweme ukungena emfuleni ikakhulukazi ngezikhathi zezimvula.

“Umfula unamandla kakhulu futhi awuphephile,” usho kanje.

Izihloko zakamuva