Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kugcwale izinyembezi zenjabulo kugogo wase-Hammarsdale owahlukunyezwa izikhukhula zamdilizela umuzi wakhe njengoba kuthe ngosuku lowayenguMengameli wezwe uDkt Nelson Mandela lwemizuzu engu-67 wahlomula ngomuzi.
UNkk Duduzile Sigudu ugiye waqephuza ngesikhathi iMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba imnikelela ngomuzi njengengxenye yemizuzu engu-67 kaMandela.
UNkk Sigudu uyingxenye yemindeni engu-30 eyakhahlanyezwa izikhukhula ngoNdasa wango-2022.
Iningi labo selokhu labhaca ezikhungweni zomphakathi ngenxa yokubambezeleka kohlelo lokuba bakhelwe izindlu njengoba badilikelwa balahlekelwa yikho konke ababenakho.
“Angazi ngingabonga ngithini ngoba bese ngilahlekelwe ithemba lokuthi ngiyoke ngiphinde ngibenomuzi ngemuva kwaleziya zikhukhula,” kusho uNkk Sigudu.
UXaba uthe lokhu kuyizinkomba zokuthi neminye imindeni ibekwe eqhulwini ekutheni ihlomule ngezindlu njengoba nayo yasala dengwane.
Usuku lukaMandela lagunyazwa iNhlangano yeZizwe njengolomhlaba wonke.
NgoLwesine abaholi abehlukene basabalale ezingxenyeni ezahlukene besiza imiphakathi.
Abanye abaholi bakamasipala weTheku bahlanganyele nezithunywa zaseMelika esikoleni Ohlange eNanda okuyilapho uMandela avota khona okokuqala okhethweni lokukhetha uHulumeni wentando yabantu ngo-1994.
Kulesi sikole kuphinde kwahlanganyelwa nabafundi bakhona kwajatshulwa.
UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer uhambele izikole ezehlukene eThekwini nalapho efike wasiza abafundi ngokupenda nangokugunda utshani.
Abaholi be-ANC KwaZulu-Natal bahlanganyele kwaMakhutha lapho bekhumbule le ngqalabutho engumholi wabo owakhethwa njengomengameli engqungqutheleni yokuqala ye-ANC emva kokuvulwa umlomo, eyayihleli e-University of Westville eThekwini.
Leyo ngqungquthela yahlala ngemuva kweminyaka emibili oMandela nabanye abaholi babebuye ekudingisweni.