Usizi lomama abasabela ukuthi amadodana abo ebephakathi kwabaphangi abaqhume negesi enxanxatheleni yezitolo

Everson Luhanga

Sekuphele isonto, omama babangane ababili abasebasha benethemba lokuthi amadodana abo azobuya angene ngeminyango yabo, kodwa lokho akwenzekanga.

Manje abazali, abangomakhelwane, baphoqeleka ukuthi bakholelwe ukuthi amadodana abo angaba phakathi kwabantu abayisithupha abasemakhazeni ase-Germiston abashile.

USiyabonga Vilakazi noPholani Ndlovu abaneminyaka eyi-18 neyi-16 bebehlezi bendawonye.

NgoLwesibili olwedlule, laba bafana ababili babonakale bejoyina abaphangi.

Umama kaSiyabonga, uThembelihle Vilakazi utshele i-Scrolla.Africa esemzini wakhe e-Tembisa e-Ekurhuleni ukuthi indodana yakhe imtshele ukuthi iya e-Tembisa Plaza.

“Ngamxwayisa ukuthi aqaphele futhi angayi eduze kwababhikishi wabe esehamba nomngani wakhe wakwamakhelwane. Abantu abambone eduze nenxanxathela yezitolo bathe bajoyinwa ngumngani wesithathu,” kusho uThembelihle.

“Sike saya emakhazeni lapho bekufanele ngibone khona imizimba yabantu engingabazi ngethemba lokuthola indodana yami.”

Uthe useye esiteshini samaphoyisa nasezibhedlela kodwa akamtholanga.

Uthe babone izidumbu zabantu abayisithupha ezitholakale zishile e-Tembisa Plaza ezihanjiswe emakhazeni ase-Germiston.

“Izidumbu bekungamathambo nje. Izikhulu zamaphoyisa ziseluleke ukuba senze ulibofuzo ukuthola ukuthi izingane zethu ziphakathi kwalaba abayisithupha yini.”

UThembelihle uthe bafuna ukwazi ukuthi indodana yakhe ishonile yini ukuze ayinike umngcwabo onesizotha.

UNomthandazo Masungu ogama lendodana yakhe nguPolani ohambe noSiyabonga uthe ngesikhathi ebuya emsebenzini ngoLwesithathu watshelwa ukuthi indodana yakhe iye enxanxatheleni yezitolo.

“Nsuku zonke, nginethemba lokubona uPolani engena endlini, kodwa sekuphele isikhathi esingaphezu kwesonto futhi ngikhathazekile ngokuthi ngabe usaphila yini. Kungenzeka ushonile,” ekhala.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Patricia Mgijima ukuqinisekisile ukuthi baphenya amacala abantu abalahlekile.

Izihloko zakamuva