Usizi kuvalwa inkampani exhasa iningi labasubathi bakuleli

Lubhalwe nguThathe Msimango

Ngemuva kweminyaka emine yokusebenza iqembu labasubathi i-Murray & Roberts Running Club izovalwa.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi inkampani yezimayini nokwakha emhlabeni i-Murray & Roberts inqume ukuhoxisa uxhaso kwezokusubatha kuleli.

Leli qembu lizovalwa ngoNhlangulana kulonyaka.

Okwamanje leli qembu lizibophezele ukukhokhela bonke abasubathi abasezingeni eliphezulu nyanga zonke.

Leli qembu linabasubathi abaningi abasezingeni eliphezulu okuhlanganisa u-Adele Broodryk ophume kwinombolo yesithathu ku-Comrades Marathon ka-2022, uRufus Photo ohlomule indondo yegolide ku-Comrades Marathon noKesa Molotsane ongumpetha wakuleli ogijima amabanga amade.

UPhoto oneminyaka engu-42 ubudala uthe nakuba lezi zindaba zibuhlungu uhlose ukunamathela eqenjini kuze kube lithola umxhasi omusha.

“Kuyizindaba ezimbi kuwo wonke umuntu. Akekho owake wabikezela ukuthi sizoqala unyaka kanje. Lolu usuku oludabukisayo kumaqembu agijimayo ezweni,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngeke ngijoyine elinye iqembu ngakho-ke, ngizohlala neqembu kuze kube sekugcineni. Nginesiqiniseko sokuthi kuzongena abaxhasi abasha maduze futhi ngibathemba ngokugcwele abaphathi ukuthi izinto bazozishintsha maduze nje.”

KuBroodryk lezi zindaba ziyisithiyo esikhulu hhayi kuphela kubasubathi abasezingeni eliphezulu kodwa nasekuthuthukisweni kwezokusubatha ezweni.

“Iqembu libhekelela abasubathi abasebancane, abadala nomakadebona kuleli. Ngakho ukuvalwa kwalo kuzophazamisa inqubekelaphambili yezokusubatha kuleli.”

“Wonke lawo maqembu athintekayo abezibophezele ekusebenzeleni ezokusubatha, kodwa angeke kusaba njalo. Nginethemba ukuthi inkampani entsha izozibophezela futhi itshale imali kubo bonke laba basubathi.”

Isithombe esingenhla: Isithombe sikaRufus

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva