Usizi kushona usana olungu-11 ngomlilo esibhedlela

Arthur Greene

UMengameli wase-Senegal ucele ukuthi kube nezinsuku ezintathu zokuzila ngemuva kokushona kwezingane ezingu-11 ezisanda kubelethwa ngesikhathi kuqubuka umlilo esibhedlela edolobheni lase-Tivaouane ngoLwesithathu.

UMengameli uMacky Sall uthe ngoLwesine izingane ezintathu kuphela ezihlengiwe njengoba umlilo ubhebhetheke esikhungwini sezingane ezisanda kubelethwa esibhedlela i-Mame Abdou Aziz Sy Dabakh.

“Ngokophenyo lokuqala kuvele ukuthi isekhethi encane edale umlilo,” kusho uNgqongqoshe wezempilo nezeNhlalakahle e-Senegal u-Abdoulaye Diouf Sarr.

Ekhuluma emsakazweni uNgqongqoshe uthe kusaphenywa ngalesi sigameko esibuhlungu.

Kamuva kuvele emithonjeni yezindaba yase-Senegal ukuthi iziphathimandla zizoqala uphenyo ngesimo sezikhungo zesibhedlela.

Omunye ozibonele lo mlilo uchaze isimo sasesibhedlela ngaphambi kokuthi kuqale umlilo “njengesibi”.

“Bekushisa kushunqa nentuthu ngaphakathi kunomoya evimbanisayo futhi nogesi ubungekho,” kusho uMamadou Mbaye etshela i-Independent.

Naphezu kokuba nezibhedlela ezihamba phambili kunoma yiliphi izwe eNtshonalanga Afrika, i-Senegal inenkinga enkulu yokushona kwezinsana.

Nyakenye, izingane ezine ezisanda kubelethwa zashona komunye umlilo owawusesibhedlela edolobheni lase-Linguere.

Ngasekuqaleni kwale nyanga kuthiwe ingane esanda kubulethwa ishonile yase iyiswa emakhazeni ngaphambi kokuba abe-medical aid bathole ukuthi ingane isaphila. Usana luye lwashona kamuva.

Izihloko zakamuva