Dylan Bettencourt
Akasekho emhlabeni umdlali wamabhayisikili wase-Kenya uSuleiman Kangangi kulandela ingozi emjahweni owenzeke eMelika ngoMgqibelo.
Lo wesilisa oneminyaka engu-33 ubudala ubegqoke imibala ye-Team Amani ngesikhathi bedlala emgwaqeni owubhuqu i-Overland, e-Vermont ohlanganisa umgwaqo owubhuqu ongamakhilomitha angu-90 futhi osondele ku-7,000 ft.
“USule ubengukaputeni wethu, umngani, umfowethu. Ubephinde abe ngubaba, umyeni nendodana,” kusho ithimba esitatimendeni.
“Kubuhlungu uma kuhamba ompetha. USule ubengumdlali ohamba phambili manje uzosihola njengenkanyezi yethu ekhanyisayo njengoba siqhubekela phambili nephupho lakhe.”
UKangangi wazakhela igama eqeda enombolweni yesithathi ngesikhathi se-Tour of Rwanda ngo-2017 ngaphambi kokuthi ashintshele emjahweni wamatshe.
Inhloso yeqembu lase-Kenya i-Amani ukweseka ukuthuthukiswa kwabadlali bamabhayisikili abasebancane base-Mpumalanga Afrika” abavela e-Rwanda, e-Uganda nase-Kenya.
“Ngizwelana kakhulu nomndeni wakhe kanye nawo wonke umphakathi nabadlali bamabhayisikili silahlekelwe umuntu obenekhono, umeluleki kanye nomngani,” kubhala uRachel Ruto unkosikazi kaMengameli okhethiwe uWilliam Ruto wase-Kenya, ku-Twitter.
“Sonke sizomkhumbula. I-Kenya ilahlekelwe ngumpetha. Lala ngokuthula Sule.”
Babalelwa ku-1 000 abagibeli bamabhayisikili ababambe iqhaza kulo mqhudelwano ngoMgqibelo ogcine unqotshwe uJohn Kariuki we-Amani nozakwabo uJordan Schlek othathe indondo yethusi.
“I-Vermont Overland ibuhlungu ngokwenzekile,” kusho umgqugquzeli wayo, u-Ansel Dickey, esitatimendeni.
“Sidlulisa ukuzwelana kwethu okukhulu nomndeni wakhe, abangani bakhe, i-Team Amani kanye nabantu base-Kenya.”
Umthombo wesithombe: @VeloNews