
Everson Luhanga
Kushone amaphoyisa amabili ngenxa yezikhukhula KwaZulu-Natali.
USeargent Busisiswe Mjwara kanye nenja uLeah baminze ngesikhathi beyotakula abantu ngesikhathi sezikhukhula eKZN kwathi uConstable Thandazile Sithole yena washona ngesikhathi umuzi wakhe udilikela kuye ekuqaleni kwesonto eledlule.
Esitatimendeni esikhishwe ngeSonto, uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uFannie Masemola uthe ngezithuba zabo-11:30 ngeSonto ekuseni, uSayitsheni Mjwara (42), ubeqhuba umkhankaso wokuthungatha izisulu ezintathu eziminze ngaphambilini emfuleni uMsunduzi ekuqaleni kwaleli sonto lapho angene khona ebunzimeni wase eyaminza.
“Leli phoyisa liphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ngendiza enophephela emhlane kodwa kuye kwathiwa lishonile ngesikhathi lifika.”
Ngesikhathi esifanayo, uK9 Leah (inja) yophiko lwe-Durban Central Search and Rescue (i-SAR) nayo iye yaminza. “ULeah ubezama ukusiza uSayitsheni Mjwara ngesikhathi naye ehlangabezana nobunzima,” kusho uColonel Athlenda Mathe, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke.
Uthe okungenani angu-30 amaphoyisa athintekile ngenxa yezikhukhula njengoba abanye belimele kanti iningi lawo lishiye amakhaya ngemuva kokuguguleka kwemizi yawo.
UKhomishana Masemola uthe abakwa-SAPS babhekene nengwadla ngokudlula emhlabeni kwamalungu ayo azinikele.
“La malungu ashone engamaqhawekazi, ebeke izwe lawo phambili. Amazwi enduduzo asuka enhliziyweni aya emndenini, abangani, kanye nozakwabo bamalungu amabili, u-K9 Leah, kanye nalawo malungu alahlekelwe ngabathandekayo bawo. Sibafisela ukululama okusheshayo abalimele kanjalo nalabo abalahlekelwe yimizi nempahla,” kusho uMasemola.
UMasemola uthe amanye amalungu kanye nezinsiza zophiko lwe-SAPS Search and Rescue ezifundazweni ezingomakhelwane bajutshiwe ukuze basize emkhankasweni wokuthungatha nokuhlenga. Uphiko lwe-SAPS Airwing, i-K9, kanye nophiko lwamaphoyisa angabatshuzi kanye namaphoyisa benze ingxenye yemizamo kahulumeni edidiyelwe nebumbene yokuqinisa ukwesekwa ezindaweni ezithintekile.
Khonamanjalo, i-SANDF itshale amasosha angu-10 000 esifundazweni esikhahlamezwe izikhukhula ukuze isize iziphathimandla ukubhekana nezikhukhula ezimbi kakhulu ezike zahlasela isifundazwe ngo-1987.
NgeSonto, isibalo sabashonile besisondele ku-450 kanti inqwaba isanyamalele.