Kamogelo Olaitin
Kubhubhe abantu abayisithupha kubalwa nephoyisa elingumtshuzi ngesikhathi kunezikhukhula ezigamekweni ezahlukene e-Eastern Cape.
Leli phoyisa ebelinguKaputeni uPierre Marx lishone ngesikhathi lizama ukusiza.
Ngemuva kwezimvula ezihlasele kakhulu esifundazweni ngoMgqibelo kanti izindawo ezisezindaweni eziphansi zibe sezihlaselwa yizikhukhula emahoreni ambalwa.
Ihhovisi likaNdunankulu wase-Eastern Cape uMnu u-Oscar Mabuyane lithe ilokishi lase-Mdantsane ngaphandle kwase-East London nase-Duncan Village yizona zindawo ezibe nomonakalo omkhulu.
“Inqwaba yemindeni isale dengwane kanti eminye imigwaqo igubuzelwe amanzi okwenza kube nzima ukufinyelela emiphakathini ethintekile,” kusho isitatimende.
UMasipala wase-Buffalo City ukhiphe izinsiza ezizosiza kule nhlekelele ezindaweni ezikhahlamezekile.
Abesimo sezulu baxwayise ngezimvula ezinamandla nesimo esingesihle sezulu e-Northern nase-Western Cape ngeSonto.
Isexwayiso sesigaba sesibili sokuduma kwezulu sithi kulindeleke ukuthi kuqale e-Pofadder kuya e-Calvinia, kuze kufinyelele e-Cape Agulhas.
Isangoma sezulu uLuthando Masimini, ucashunwe i-EyeWitness News, ethi lokhu kwenziwa yingcindezi enkulu nesifuthefuthe esenzeka phezulu emafini futhi okungaqhubeka kudale ezinye izikhukhula ezindaweni ezisengozini kakhulu.