Usizi kusha izitolo enxanxatheleni yezitolo

Everson Luhanga

Sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-20, uDavid eziphilisa ngokudayisela umphakathi wangakubo  izinto ezibalulekile ezitolo ezintathu zokudayisa enxanxatheleni yezitolo i-Pan Africa  e-Alexandra.

Unezingane ezinhlanu nabazukulu abancike kuDavid odayisa ukudla okwanele nezinto zokwakha ukuze abeke ukudla etafuleni enxanxatheleni yezitolo nsuku zonke.

Kodwa ezintatha zangoLwesithathu, ibhizinisi lakhe, ebeliyigugu kangaka kwabaningi, belishunqa intuthu ngesikhathi amadoda amabili ethela izitolo zakhe nezabanye abaningi ngophethiloli bezokhela ngomlilo.

Umlilo uqhubeke ubusuku bonke, futhi ucekele phansi amabhizinisi abadayisi abaningi bakule nxanxathela.

Ozibonele u-Alphy Malesela uthe abezicishamlilo base-Alexandra bafikile bezokwenza konke abebengakwenza, kodwa ngenxa yokuthi amanzi ebengekho, abakwazanga ukunqanda umlilo ukuthi ungabhebhetheki.

“Bafike bengenamanzi ezimotweni zabo zokucima umlilo. Abezicishamlilo nabo bebemile bengakwazi kwenza lutho bebuka umlilo ucekela phansi izitolo,” kusho uMalesela.

UMalesela uthe abezicishamlilo babize ozakwabo base-Sandton abafike basiza ngokucima umlilo.

“Kodwa umonakalo ubusuvele wenzekile. Ngemuva kokucinywa komlilo izitolo besezishile,” kusho uMalesela.

Umthengisi uDavid Masitatona uthe ulahlekelwe isitoko senani elingaphezu kuka-R65,000.

“Angazi ukuthi ngizoqhubeka kanjani nebhizinisi lami. Lokhu kubuhlungu kimina nomndeni wami,” esho.

Uthe ngesikhathi eya esiteshini samaphoyisa e-Alexandra eyovula icala, izikhulu zimtshele ukuthi eze namaphepha akhombisayo ukuthi ubehweba ngokusemthethweni kule ndawo.

“Zonke izincwadi zami zebhizinisi zishele ngaphakathi ezitolo. Bengiya nazo ezitolo ngoba amalungu eDudula Movement abejwayele ukuzicela.”

Iqembu elimelene nabaphuma emazweni angaphandle, iDudula Movement, lidume ngokusabisa osomabhizinisi abaphuma emazweni angaphandle kanye nabaseNingizimu Afrika abanezitolo e-Alexandra.

“Manje anginabufakazi bokuthi ngingumnikazi walezi zitolo,” kusho uDavid.

UConnie Raphela (56), uthe sekuphele iminyaka emihlanu edayisa kule nxanxathela kanti unezitolo ezintathu.

“Izitolo zami zontathu zicekelwe phansi wumlilo,” esho.

UConnie ucele uhulumeni ukuthi abasize ngemali yokuthi baqale kabusha amabhizinisi abo.

 “Ngilahlekelwe isitoko sika-R100,000,” esho.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli uRobert Mulaudzi uthe imbangela yomlilo isazophenywa. Amaphoyisa nawo ayaphenya ngalo mililo. Okwamanje bekungakaboshwa muntu.

Scrolla World Cup Quiz