
Kamogelo Olaitan
Njengabo bonke abathengi emhlabeni wonke abantu bakuleli babhekene nenkinga yokukhuphuka kwentengo yokudla.
Lokhu kungenxa yokwehla kwamandla emali kanye nokukhuphuka kwentengo kaphethiloli okubangelwa ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine.
Abaningi baphendukela ekuthengeni ukudla ezitolo ezahlukene, kodwa yisiphi isitolo esishibhe kunazo zonke uma kuziwa endabeni yesitashi nokusanhlamvu okuthengwa imindeni eminingi yakuleli nyanga zonke?
I-Business Insider iqhathanise amanani ezitolo ezinkulu ezintathu ezweni: u-Pick n Pay, u-Checkers kanye no-Woolworths.
Amanani aqhathaniswayo awerayisi, ufulawa, impuphu, i-pasta, amazambane kanye nokudla kwasekuseni. U-Woolworths, owaziwa ngokudayisela abahola kakhulu, ngokumangazayo iunokudla okushibhe kakhulu emikhiqizweni wayo wangasese.
Lawa ngamanani ezinhlobo ezahlukene zokusanhlamvu nesitashi kusukela ngoMsombuluko ngomhlaka-13 kuNhlangulana kulo nyaka.
U-2.5 kg weMpuphu
Impuphu yombila yomkhiquzo wakwa-Tafelberg ishibhe kakhulu kwa-Checkers ngenani elingu-R23.99, kanye nemikhiqizo edumile i-White Star kanye ne-Ace ebiza kakhulu, kodwa kwa-Woolworths impuphu i-White Star ibiza u-R30.99. Uhlobo lwe-Ace lushibhe kakhulu kwa-Checkers nakwa-Woolworths. Abakwa-Checkers banezinhlobo ezimbalwa ezishibhile ezitholakalayo, njenge-Pride ne-Impala, kokubili okungaphansi kuka-R30.
Ngokwesilinganiso, impuphu ibiza cishe u-R33 isaka elingu-2.5kg.
U-2.5 kg kaFulawa
U-Woolworths unofulawa oshibhe kakhulu ongu-2.5kg ngenani elingu-R34.99 ngelebula yawo yangasese ebizwa ngokuthi i-Woolworths Essential kanti i-No Name yakwa-Pick n Pay ibiza u-R35.99 ngephakethe elifanayo likafulawa.
U-Checkers yiwona ohamba phambili, ngofulawa wakwa-Sasko obiza u-R42.99.
U-2 kg weRayisi
Irayisi elinezinhlamvu ezide yilona elithengwa kakhulu kuleli. Umkhiqizo wakwa-Checkers ushibhe kunawo wonke, ubiza u-R26.99, ulandelwe umkhiqizo wakwa-Pick n Pay obiza u-R28.99. Umkhiqizo oshibhe kakhulu kulezi zitolo ezifanayo i-Excella ubiza u-R29.99.
Njengamanje umkhiqizo werayisi wakwa-Woolworths ubiza u-R34.99 kanti ne-Tastic ibiza inani elifanayo, kodwa kwa-Checkers nakwa-Pick n Pay likhuphuke ngerandi elilodwa. Ngokwesilinganiso, isaka lerayisi elingu-2kg njengamanje libiza u-R33.40.
U-1 kg weSitambu
Umkhiqizo wakwa-Woolworths unesitambu esingu-1kg esishibhe kunazo zonke esibiza u-R13.99. Ngokuphambene, umkhiqizo we-Ace wesitambu olandelayo ushibhe kwa-Checkers nakwa-Pick n Pay ngentengo efanayo, engu-R15.99.
Isilinganiso sentengo yesitambu esingu-1kg njengamanje sibiza u-R15.99.
U-500 g we-pasta
Inani le-spaghetti esingu-500g ngokuvamile liba ngaphansi kuka-R22, kanti uzothola umkhiqizo oshibhile wakwa-Pick n Pay ongu-No Name obiza u-R12.99, ngesikhathi umkhiqizo wakwa-Fatti’s and Moni’s ubiza u-R19.99, uma kuqhathaniswa no-R17.99 wenani lakwa-Checkers. U-Woolworths unomkhiqizo we-pasta futhi izinketho zayo ezimbili ze-spaghetti zibiza u-R18.99 no-R39.99.
U-1 kg we-Kellogg’s Corn Flakes
U-Woolworths no-Pick n Pay banebhokisi elibiza kakhulu elingu-1kg lama-corn flakes akwa-Kellogg, abiza u-R75.99 kuzo zombili izitolo ezinkulu, uma kuqhathaniswa nenani lakwa-Checkers elingu-R74.99.
Ngokwesilinganiso, abathengi bakhokha u-R75.66 ngebhokisi elingu-1kg lama-corn flakes akwa-Kellogg.
U-2 kg wamazambane
U-Pick n Pay unesikhwama samazambane esishibhile esingu-2kg, esibiza u-R30, kanti amazambane amakhulu akwa-Woolworths abiza u-R36.99.
Isilinganiso senani lamazambane njengamanje singu-R37.70.