Usizi kuhoxiswa icala lowesifazane odlwenguliwe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ngesikhathi owesifazane (27) edlwengulwa umzala wakhe ngoZibandlela nyakenye, wavula icala esiteshini samaphoyisa e-Harare, eKhayelitsha, eKapa.

Kodwa cishe ngemuva kwenyanga ngomhlaka-26 kuMasingana uye wathola umyalezo ovela emaphoyiseni wokuthi icala selihoxisiwe.

“Manje sengiyaqonda ukuthi kungani izisulu zokudlwengulwa zinquma ukuthula,” esho. 

“Bekungasekho ukuxhumana futhi manje ngitshelwe ukuthi icala livaliwe. Ngihlukunyeziwe futhi amaphoyisa ayehluleka ukungisiza. Bathe balandele yonke imikhondo kodwa angibakholwa.”

Lona wesifazane uthe ubezijabulisa nabazala bakhe ngesikhathi bephelelwa iziphuzo base benquma ukuphuma beyothenga ezinye.

“Bathathe isinqumo sokungayi ekhaya base behlala endaweni lapho abazothola khona iziphuzo,” kusho isisulu.

“Ngangingakhululekile ukuhlala kuleyo ndawo ngoba sasishiye izingane zodwa ekhaya. Ngakho ngabatshela ukuthi ngizobuyela ekhaya ngiyobheka izingane.”

Omunye umzala uye wathi uzomuphelezela.

“Ngajabula kakhulu ngesikhathi ethi uzongiphelezela. Ngambona njengomzala onakekelayo ofuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ngiphephile. Angikaze ngicabange ukuthi ubehlela ukungidlwengula.”

Ngesikhathi befika ekhaya, isisulu siye salala eduze kwendodana yaso (5).

“Kuthe phakathi kwamabili ngavuka umzala ephezu kwami engidlwengula kubuka indodana yami. Ngambuza ukuthi wenzani kodwa wavele wasuka wahamba. Ngitshele amanye amalungu omndeni ngokwakwenzekile.

“Ngiye ngashaqeka kakhulu ngesikhathi umzala wami enza sengathi akenzanga lutho. Kufike amanye amalungu omndeni samshaya ngaphambi kokuthi abaleke.”

Indodana yesisulu ibonana nodokotela oweluleka ngokwengqondo kulandela lesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uthe isisulu kumele sithinte umphenyi wecala noma umphathi siteshi ukuze sithole ukuthi kungani icala lihoxisiwe.

“Uphenyo lwawo wonke amacala luncike ekutheni lufanelekile yini. Amacala ocansi awaphenywa isiteshi kodwa aphenywa uphiko lwe-Family Violence, iChild Protection and Sexual Offences,” kusho uPojie.

Esithombeni esingenhla: Isisulu sokudlwengulwa eKhayelitsha simangele ngemuva kokuba isiteshi samaphoyisa sase-Harare sithumele umyalezo wokuthi icala lokudlwengula esilivulile selivaliwe.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva