Dylan Bettencourt
I-Mamelodi Sundowns ibiyintandokazi ukuphakamisa indebe ye-CAF Champions League. Kodwa ukuphuma kwabo ngoMgqibelo kushiye umqeqeshi wabo uManqoba Mngqithi esezinhlungwini.
Akakwazanga ukufihla ukuphoxeka kwakhe ngemuva kokuthi i-Downs ikhishwe kulo mqhudelwano emlenzeni wesibili yama-quarter final.
“Kubuhlungu kakhulu angifuni ukuqamba amanga, i-Champions League ayifani ne-PSL uma wenze iphutha elilodwa noma amabili uyajeziswa,” kusho uMngqithi.
Ngesizini edlule bakhishwe i-Al Ahly. NgoMgqibelo ebusuku umlando uziphindile ngesikhathi behlulwa i-Petro de Luanda yase-Angola.
UMngqithi uqhube wathi amagoli abawashaye ekuhambeni mabi kakhulu futhi abafana bakhe bebengekho emdlalweni ikakhulukazi emlenzeni wokuqala.
“Okungiphatha kabi kakhulu ngisakholwa ukuthi iqembu lethu beliyiqembu elingcono ngalelo langa, kodwa lokho akusho lutho uma amagoli engangeni enethini.
“Ngakho-ke kubuhlungu ngoba uyazi ukuthi iqembu lakho lingcono kunalento ebeliyidlala emlenzeni wokuqala. Cishe u-70% weqembu awenzanga lutho kodwa ngoMgqibelo ebusuku angeke ngiqambe amanga ngingasho ukuthi asizange sisebenzise amathuba futhi sajeza ngalokho,” kusho umqeqeshi.
Kubadlali base-Angola, i-Sundowns ayizange idlale kahle uma iqhathaniswa nabasingathi besicoco i-Al Ahly. Ikwazile ukuhlula izinkunzi zase-Egypt emilenzeni emibili ku-Group A.
Ngemuva kokuqeda ku-Group A banyukele phezulu bengahlulwanga aMasandawana abeyizintandokazi ukunqoba lo mqhudelwano wale sizini.
Kodwa bashaqekile ngesikhathi bebhekene neqembu lase-Angola emlenzeni wokuqala ekuhambeni njengoba behlulwe okokuqala ngamagoli amabili kwelilodwa.
Ngemuva kwalokho bekulindeleke ukuthi babuye ngegiya eliphezulu uma sebesekhaya.
Kodwa izinto azihambanga ngendlela njengoba womabili amaqembu adlale ngokulingana okuvumele izivakashi ukuthi zidlulele kowandulela owamanqamu okuqala.
Iqembu lase-Angola lizodlala neqembu lase-Morocco i-Wydad kowandulela owamanqamu esibili kanti i-Ahly izobhekana ne-ES Setif yase-Algeria kowandulela owamanqamu okuqala.
Umthombo wesithombe: @MamelodiSundowns