Sihle Mkhize
UGogo Margaret Gumede ushone ngoLwesibili ngesonto eledlule ngemuva kokuthi udonga lukamakhelwane wakhe luwele phezu komjondolo wakhe ngesikhathi kunemvula enamandla ecekele phansi KwaZulu-Natal.
Ushone ngaphansi kwemfucumfucu, eshiya izintandane, nabazukulu bakhe abebethembele kuye ngokwezimali.
Umndeni wakhe ubuhlele ukumngcwaba ngempelasonto yePhasika endaweni yangakubo eMdumezulu.
Kodwa njengoba imigwaqo ivaliwe futhi amathuna egcwele amanzi baye belulekwa ukuthi bengakwenzi lokho.
Khonamanjalo imali yamakhaza enkampanini yabangcwabi ilokhu ikhuphuka futhi umndeni wakhe uthi awunayo imali yokukhokha.
Umzukulu kaGogo uGumede, uNompilo Maphumulo (21), utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ugogo wakhe nguyena yedwa obebeka isinkwa etafuleni emndenini.
“Siwumndeni sihlukumezekile ngokwezimali nasemphefumulweni, esikufunayo nje ukuthi singcwabe ugogo ukuze aphumule ngokuthula kodwa njengoba isimo sinje asazi ukuthi kuyokwenzeka nini lokho,” esho.
Lo mndeni, ongasenalo ikhaya eThekwini ngemuva kwezikhukhula, uzophoqeleka ukuthi ubuyele esigodini sangakubo.
Okhulumela i-National Funeral Practitioners Association uMnu Muzi Hlengwa uthe kuvulwe amathuna aseThekwini ukuze kungcwatshwe abantu ngempelasonto ngaphandle kwaseTafuleni.
Nakwamanye amadolobha uHlengwa uthe amathuna asagcwele amanzi kanti kunzima ukuthi kungcwatshwe abantu.