Usizi kudlwengulwa umfundi (13) esikoleni

Buziwe Nocuze

Amaphoyisa ase-Eastern Cape aphume umkhankaso athungatha amadoda amathathu angene esikoleni samabanga aphansi eNtabankulu adlwengula umfundi webanga lesikhombisa endlini yangasese yesikole.

UBrigadier Tembinkosi Kinana, okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uthe ngokwemibiko yabo, intombazanyana (13), ibisanda kungena endlini yangasese ngesikhathi abasolwa abathathu abangaziwa beyilandela ngemuva.

Uthe ababona abasebenzi besikole noma abafundi.

Ngemuva kokumnukubeza, bamshiye endlini yangasese, okuthe ngokuhamba kwesikhathi watholwa uthisha ohambe wayombheka ngesikhathi ebona ukuthi akekho ekilasini.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMalibongwe Mtima, uthe isisulu sitholakale siqulekile futhi siboshwe izandla zombili ngebhande endlini yangasese.

“Umfundi ubike lolu daba kothisha, abashayele abakwa-SAPS ucingo. Amaphoyisa abacebise ngokuthi umfundi aphuthunyiswe esibhedlela esiseduze nokuyilapho okuqinisekiswe khona ukuthi ngempela umfundi udlwenguliwe,” kusho uMtima.

Uyise wesisulu obethukuthele egane unwabu ubuze ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi amadoda amathathu akwazi ukungena esikoleni, enze ubugebengu obunyantisayo, aqede aphume engabonakali.

Ukholelwa ukuthi abenzi bobubi bebengaqondile indodakazi yakhe kodwa bebehlele ukudlwengula umfundi ngaphakathi emagcekeni esikole. 

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ucabanga ukuthi abadlwenguli bebezokwenza isiko elithile.

“Ayikho indlela yokuthi amadoda amathathu angahlela ukuyodlwengula abafundi.

Ngakho kunembangela yalokhu, futhi ngiyethemba ukuthi bazoboshwa bakhulume ngakho konke abakwenze kwindodakazi yami,” kusho ubaba wesisulu.

Uthe usiza abakwa-SAPS ukuthungatha abasolwa ukuze bengaphinde benze lokhu abakwenze kwindodakazi yakhe komunye umuntu.

Uthe ingane ihlukumezekile, manje isisaba nokuphumela phandle.

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape uFundile Gade usigxekile lesi sigameko.

UBrigadier Thembinkosi Kinana uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu njengoba uphenyo lusaqhubeka.

Abasolwa abaziwa okwamanje kanti abaseshi baseNtabankulu nabase-Mount Ayliff FCS basabathungatha.

Kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa eNtabankulu noma yisiphi isiteshi samaphoyisa esiseduze noma ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111.

Izihloko zakamuva