Usizi kubulawa uthisha

Elmon Tshikhudo

Kugwazwe kwabulawa umsizi kathisha ngoLwesibili ngenkathi ebuya emsebenzini yibhungu ebeligqekeza endlini yakhe.

Lo wesifazane oneminyaka engu-34, ufike ekhaya ngaphambi kwesikhathi sokubuya esijwayelekile ephuma emsebenzini esikoleni sendawo e-Tshakhuma ngaphandle kwase-Louis Trichardt e-Limpopo.

Uye wathola umnyango wendlu yakhe uvuleke kancane, kanti ngenkathi ebheka izikhiye zakhe eziyisipele azifihla ngaphandle, akazange azithole.

Ube esengena endlini wafica umfana oneminyaka engu-15 ephakathi endlini yakhe. Kukholakala ukuthi kube sekuqala ingxabano.

Samsung Galaxy 14G

Ugwazwe amanxeba amaningi kanti isidumbu sakhe sitholwe indodana yakhe ngemuva kwesikhashana kwenzeke lesi sigameko.

Uye wathuka kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ethola umsolwa esasendlini.

Amaphoyisa abiziwe, umsolwa waboshwa ngokuhamba kwesikhathi.

Umalume kamufi ongomunye wabafike kuqala endaweni yesigameko uthe kumthuse kakhulu akubonile.

“Ubenamanxeba okugwazwa umzimba wonke ngisho nasemehlweni,” usho kanje.

“Kubukeka sengathi umenzi wobubi ubengumngani wendodana kamufi. Umfana ubazi lapho okugcinwa khona okhiye futhi ubezama ukweba ngesikhathi ethuswa ukufika kukamufi.”

Umalume uthe umsolwa ufonele indodana kamufi phambilini wayicela ukuthi imshayele ucingo uma isiphuma esikoleni.

“Kuyacaca ukuthi lokhu ukugqekezwa kwendlu okungahambanga kahle,” esho.

“Sithole imimmese emithathu emikhulu enegazi futhi ibiphukile. Kuyacaca ukuthi ubefuna ukuthi ashone ukuze afihle ubufakazi”. Uthe ubaba kamufi uyiphoyisa.

“Umama wakhe uphatheke kabi kakhulu futhi kudingeke ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuquleka ngesikhathi ezwa lezi zindaba,” kusho umalume.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa.

“Umsolwa uzocutshungulwa ngokuhambisana ne-Child Justice Act ngesikhathi uphenyo lusaqhubeka,” usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz