Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ibhungu (16) libulawe ngesikhathi lizama ukulamula impi ebiphakathi kukanina nomyeni wakhe asebahlukana naye.
UZipho Mpazwa ubelandela usingababa wakhe egumbini lakhe ngemuva kokuthi lona wesilisa owashiya umndeni wakhe ethathe isikhwama ngenkani kunkosikazi wakhe.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa umama uTabisa Mpazwa wase-Eerste River, eKapa uthe namanje akakholwa ukuthi indoda abeyithanda futhi eyethemba iminyaka eyisithupha ibulale indodana yakhe.
“Ngiphatheke kabi. Sinezingqinamba emshadweni wethu futhi siphezu kwezinhlelo sesehlukaniso ngoba izinto azihambanga ngendlela kodwa bengingazi ukuthi uzokwenza lokhu akwenzile.”
UTabisa uthe umyeni wakhe unesikhathi esingangenyanga engekho emzini wabo. Ubuye ngoLwesibili ngomhlaka-25 kuMfumfu wathi uzomnika isehlukaniso uma engamkhokhela u-R400,000 aphinde amnike nemoto.
“Ngimtshelile ukuthi angisoze ngamnika imali nemoto ngoba sengihlale naye nendodana yakhe iminyaka eyisithupha ngibondla bobabili ngoba ubengasebenzi.
Ngesikhathi sokucishwa kukagesi ngalo lolo suku, uTabisa uye wanquma ukuyisa izingane zakhe kwenye indawo.
“Bengifuna zibe kude naye ngoba bengibona ukuthi uthukuthele futhi uyadelela, kanti bengingafuni ukuthi izingane zami zibe endaweni enjalo.”
UTabisa ungene egumbini labo lokulala eyothatha isikhwama sokupakisha izingubo zezingane zakhe kodwa uthi lona wesilisa akamvumelanga ukuthi asithathe.
Yilapho uZipho aqale khona ukulamula, ecela usingababa wakhe ukuthi anike umama wakhe isikhwama.
“Ngithathe isikhwama ngasuka ngaya kwelinye igumbi ukuze ngipakishele abafana bami,” kusho lo mama. Kodwa ngemuva kwemizuzu embalwa, kusolakala ukuthi umyeni wakhe ufike wathatha isikhwama waphindela egumbini lakhe.
Indodana yakhe ibone usingababa ethatha iskhwama yabe isimlandela iyobuza ukuthi usithatheleni isikhwama ekubeni ebona ukuthi unina umatasa ngesikhwama.
“Ngilandele indodana yami egumbini lomyeni wami ngayizwa imbuza ukuthi usithatheleni isikhwama ngoba ubecabanga ukuthi bazixazululile izinkinga zesikhwama,” esho.
Yilapho-ke okuthiwa umsolwa uthathe ummese wagwaza lo mfana emhlane.
“Siye salwa ngase ngithatha ummese, ngabiza abanye abafana ukuthi bayocela usizo,” UZipho ubesevele ephansi.
UZipho uphuthunyiswe esibhedlela washona ngalo lolo suku.
“Ngizwa ubuhlungu obukhulu, futhi ngindikindiki,” kusho lo mama. “Ngiyethemba ukuthi indodana yami izothola ubulungiswa ngoba ibingafanele ukushona ngenxa yesikhwama.”
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uSayitsheni Wesley Twigg, uthe kuboshwe owesilisa (46) mayelana nokubulawa kukaZipho.
Osesithombeni esingenhla: UZipho Mpazwa