Usizi kubulawa izelamani kowokugubha usuku lokuzalwa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Uphenduke isibhicongo umgubho wosuku lokuzalwa elokishini Kwazakhele e-Gqeberha ngeSonto ntambama ngesikhathi izinkabi ezimbili zigasela kule ndawo zivulela ngenhlamvu endlini ebigcwele abantu.

UVusumzi Sishuba ubememe abangani bakhe emcimbini wakhe wokugubha iminyaka engu-50 ubudala ngeSonto engazi ukuthi kuzobe kuwusuku lwakhe lokugcina emhlabeni. Udutshulwe wabulawa kanye nabanye abayisikhombisa. Abanye abathathu balwela izimpilo zabo esibhedlela.

Umfowabo kaVusumzi omdala u-Andile Sishuba ubekade efike ntambama evela e-East London ezobungaza usuku lokuzalwa lukamfowabo. Naye uye wabulawa ngesikhathi izinkabi zigasela endlini.

Izelamani zakwaSishuba beziyizinsika zomndeni wazo. Lezi zelamani ezimbili zishiya unina osehlezi elele embhedeni ngenxa yeminyaka, odadewabo ababili nazo zonke izingane zabo ezineminyaka ephakathi kweyisikhombisa nengu-28.

UChinese Tys, omunye wodadewabo balezi zelamani ezibulewe akakwazanga ukuchaza ukuthi babulaweleni.

“Thina njengomndeni asazi lutho, esikwaziyo nje ukuthi umfowethu ubegubha iminyaka engu-50 ubudala ngesikhathi ebulawa.

“Siyaqonda ukuthi akuthina sodwa esilahlekelwe. Abangani babafowethu nabo bebekhona. Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo nasemindenini yabo. Siyethemba ukuthi umthetho uzodlala indawo yawo,” etshela i-Scrolla.Africa.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ekanye noKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLieutenant General Fannie Masemola bavakashele ikhaya lomndeni lapho okwenzeke khona isigameko sokubulala e-Gqeberha ngoMsombuluko.

Ngesikhathi uNgqongqoshe uCele ekhuluma nabezindaba ucele umphakathi ukuthi unikeze amaphoyisa isikhala ukuze enze uphenyo lwawo ngaphandle kokuphazanyiswa.

“Sivumeleni senze umsebenzi, singathanda ukucela ukuyekwa kancane senze umsebenzi ngokucophelela ukuze ngesikhathi siphendula kungabi bikho ukuqagela,” etshela izintatheli.

Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngesikhathi kuqhubeka uphenyo mayelana nezimo ezenzekile ngalesi sigameko. Akukaboshwa muntu.

Umholi we-DA esifundazweni, uMnu Nqaba Bhanga naye ubekhona yize ebengekho esikhundleni sakhe kwezepolitiki kodwa eze njengomngani welungu lomndeni elishonile.

“Angikho lapha njengosopolitiki ngilapha ngoba ngishonelwe abangani bami kanti umshana wami ulwela impilo yakhe esibhedlela,” esho.

“Inhliziyo yami ibuhlungu ngoba ukube bengikhona bekungaba yimi lona. Ngiphatheke kabuhlungu ukuthi abangani bami bashone ngale ndlela.”

IKwazakhele iyingxenye yeGovan Mbeki Cluster okuyithimba lemikhandlu elilwela ukuqeda ubugebengu obunodlame emalokishini ase-Gqeberha.

Ikhansela lesigceme saKwazakhele uGamelihle Maqula uthe: “Ayiqali  ukwenzeka into efana nalena endaweni yethu. Njengamakhansela sithathe isinqumo sokuthi siluveze lolu daba emhlanganweni womkhandlu olandelayo nokuthi kumele kufakwe amakhamera emigwaqeni yethu, kubonakale amaphoyisa kamasipala, kwandiswe nobubanzi bawo ukuze afinyelele emalokishini,” esho.

Kucelwa noma ngubani ongasiza ekuhlonzeni abasolwa ukuthi ashayele uKaputeni uSitole ku-0834572812 noma athinte i-Crime stop ku-086 00 10111.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe Bheki Cele 

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva