Lungi Langa
USifiso Zulu ubekhathazekile ngohambo olude lwendodakazi yakhe, ngakho uye wamqashela igumbi yena nomngani wakhe eduze nesikole sabo ngethemba lokuthi sekuzoba ngcono.
Kodwa ubenephutha kakhulu. U-Amanda Nqobile Zulu (18) kanye nabehlala naye uMinenhle Buthelezi (18), babulawe ngokugencwa ngembazo ngoMgqibelo ebusuku. Isidumbu sika-Amanda sitholwe egumbini lakhe ngeSonto ngesikhathi esikaMinenhle sitholwe silahlwe eduze komfudlana ngoLwesibili.
Bobabili bebefunda esikoleni samabanga aphezulu iGinyane endaweni yaseNgwangwane e-Creighton, KwaZulu-Natal.
UZulu uhlulekile ukuzibamba ngesikhathi echaza ukuthi uzithole kanjani izindaba zokushona kwendodakazi yakhe yokuqala.
“Ngishayelwe umamncane wakhe ucingo wangitshela ukuthi u-Ama ubulewe,” esho.
“Ngiqale ngazitshela ukuthi uyadlala kodwa ngesikhathi ekhala evala ucingo ngivele ngayeka yonke into ngaphuthuma esibhedlela.
Uthe ngesikhathi efika emakhazeni asesibhedlela ubone into abengakaze ayicabange.
“Indodakazi yami ilimele kabi. Ngihlezi ngizibuza ukuthi hlobo luni lomuntu ongenza kanjena entombazaneni engakaze ibe nolaka noma ibandakanyeke ezimpini. Ngiyazibuza ukuthi ngabe yini engenza umuntu azwise omunye ubuhlungu obunjena,” kusho uZulu.
UZulu uthe okungenani imizuzu engu-40 ukusuka ekhaya likanina wendodakazi yakhe uya esikoleni kanti kwesinye isikhathi u-Amanda nabanye abafundi bebeqeda ukufunda ngemuva kwehora lesishiyagalombili ebusuku yingakho enqume ukumqashela igumbi.
Uyazibuza ukuthi uzokwenzenjani ngendodakazi yakhe encane efunda esikoleni esisodwa uma ifika kumatikuletsheni.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko sokubulala nokuthi umsolwa uboshiwe.
“Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseHlanganani ngoLwesibili. Ugcinwe esitokisini kuze kube ngomhlaka-11 kuNcwaba lapho azofaka khona isicelo sebheyili ngokusemthethweni,” kusho uGwala.