Usizi kubasebenzi bakamasipala bengaholi 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Abasebenzi bakamasipala wase-Ditsobotla e-North West baphinde bangahola njengoba lo masipala okhungethwe izinkinga usaqhubeka nokubhekana nezinkinga zezimali.

Isihlalo sikamasipala wendawo i-Lichtenburg.

Esikhundleni sokuthi abasebenzi bathole izaziso emabhange abo bathole i-imeyili evela kumasipala ubatshela ukuthi ngeke bahole kule nyanga kaNhlaba.

I-imeyili ayibatsheli ukuthi bazohola nini. Ukuthela usawoti enxebeni abasebenza isikhathi esengeziwe batshelwe ukuthi abakhohlwe ukuthi bazothala imali yokusebenza isikhathi esengeziwe.

Lona ngomunye umfanekiso odabukisayo wesimo esibi omasipala abaningi ezweni lonke abazithola bekuso.

Akukhona okokuqala ukuthi umasipala wase-Ditsobotla ube nezinkinga zokuholela abasebenzi. NgoMandulo odlule abasebenzi baba nokubambezeleka okufanayo kwemiholo.

Ukubhekana nezinkinga eziqhubekayo kumasipala uhulumeni wesifundazwe sase-North West uthathe isinqumo sokuhlakaza umkhandlu kamasipala.

Lo masipala ubukhungethwe izinxushunxushu phakathi kwezimeya ezimbili nabaphathi ababili bakamasipala nokuyinto eyathikameza kakhulu ukulethwa kwezidingo kubantu. Okhethweni olwalandela ngoZibandlela nyakenye i-ANC yawina amawadi angu-15 kwangu-20 ayebangwa.

Umkhandlu wakhetha u-Elizabeth Lethoko we-Patriotic Alliance njengemeya entsha nakuba isikhathi sakhe sokuphatha singazange sibe ngaphandle kwengxabano.

Ngesikhathi uLethoko esanda kufungiswa wafaka incwadi yokwesula wabuye wayihoxisa ngokuhamba kwesikhathi. Izinkinga zezimali zikamasipala zidlulela nangale kwabasebenzi abangaholile. Lo masipala ukweleta izimali ezinkulu ezinhlelweni zosizo lwezempilo kanye nasezikhwameni zempesheni ngemuva kokwehluleka ukukhokhela abantu.

Izinsolo zokuthi abasebenzi abayizipoki badla imali esikhwameni sikamasipala sekwenze isimo saba sibi nakakhulu.

Ngesonto eledlule kuhlehliswe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi beMeya uLethoko kanye noSomlomo we-ANC uMnu Fikile Jakeni nokuyinto ephinde yengeza uthuthuva kumasipala. Umsebenzi ongathandanga ukudalulwa igamauzwakalise ukuphatheka kabi eqhathanisa ukusebenza kukamasipala nokuphatha i-spaza.

Umsebenzi ukugxekile ukuntuleka kokuxhumana nokungafihli lutho waphinde wagcizelela ukuthi umqashi ohloniphekile uzoba nenhlonipho yokunikeza izibuyekezo ezifika ngesikhathi ngokubambezeleka kwenkokhelo.

Inkohlakalo ibalwe njengomthelela enkingeni yezimali kulo masipala njengoba kuthiwa ukuqashwa kwabasebenzi abaningi kunokuxhumana kwezepolitiki esikhundleni sokufaneleka.

Imizamo yokuthola impendulo kokhulumela umasipala uPius Batsile mayelana nalesi simo ayiphendulwanga.

Esithombeni esingenhla: Umasipala wase-Ditsobotla

Izihloko zakamuva