Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Owesifazane wase-Mamelodi East, e-Tshwane ubanjwe ukuthi wantshontsha amaphepha anemniningwane yengane eyalahleka ukuze ahole imali yesondlo iminyaka.
Ngo-2020, uSelina Molamo ongumama okhungathekile futhi osekuphele iminyaka eyishumi ethungatha indodakazi yakhe uMathapelo, wavulela isifuba owesifazane wase-Mozambique mayelana nosizi lwakhe kodwa umusa wakhe wakhashelwa njengoba akhohliswa ngendlela enonya kakhulu.
Konke kwaqala ngesikhathi amaphepha kaMathapelo enyamalala ngendlela engaqondakali, owesifazane owayevakashele uMolamo naye wanyamalala kungazelelwe.
Konke lokhu uMolamo ubengakwazi kwaba uxabana nomngane wakhe omusha kwaphuma neqiniso elishaqisayo lokuthi lona wesifazane ubelokhu ehola imali yesondlo sengane iminyaka.
UMolamo akazange akukholwe akuzwe ngezindlebe zakhe waze wathinta abe-South African Social Security Agency (Sassa) abaqinisekise umkhonyovu walo wesifazane.
Yize efake isikhalazo, lona wesifazane ngokungenamahloni uqhubekile nokuthola imali yengane elahlekile waze wazishaya isifuba kuMolamo ngokuthi kulula kangakanani ukuxhaphaza uhlelo lwezibonelelo ezihloselwe izingane.
“Ngigcine ngiphuzile amaphilisi okulala,” kusho uMolamo, obekubonakala ukuthi uphelelwe ithemba. Ukukhashelwa kuyilimaze kakhulu ingqondo yami kungishiye ngidangele.
UNandi Mosia, obhekelele ezokuxhumana kwa-Sassa uthembise ukuthi udaba seludluliselwe kumphathi wase-Tshwane ukuze kuphenywe lolu daba ngendlela efanele. Ithemba likaMolamo lobulungiswa lisekhona, kodwa izibazi zalesi senzo esingenanhliziyo sokwebiwa kwamaphepha engane yakhe sizohlezi sidlala emqondweni wakhe.
Esithombeni esingenhla: USelina Molamo okhathazekile ngowayngumngani wakhe ontshontshe amaphepha anemniningwane yendodakazi yakhe eyalahleka
Umthombo wesithombe: UKarabo Rammutla