Moyahabo Mabeba
Ube nomuzwa wokwesaba okuyisimanga uMaria Valoyi ngesikhathi ezwa emsakazweni ukuthi itekisi ebisuka ePitoli iya e-Polokwane ibandakanyeke engozini enyantisa igazi.
Ubazi ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka engu-34 ubudala uSinah nabazukulu bakhe ababili – uMashoto oneminyaka engu-17, noPalesa oneminyaka engu-12 – bazobuyela ekhaya ngoLwesibili mhlaka- 11 kuMasingana.
UMaria wafonela umakhelwane wendodakazi yakhe osePitoli, wamtshela ukuthi umndeni wakhe usuhambile waya e-Limpopo. Ngemuva kwalokho bamazisa ukuthi imoto iphahlazeke emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 ngase-Mookgophong e-Limpopo.
Ngalowomzuzu kwavele kwaqinisekiswa ukwesaba kwakhe okubi kakhulu abenakho.
UMaria utshelwe ukuthi ulahlekelwe amalungu amathathu omndeni wakhe aseduze kakhulu. Bebephakathi kwabagibeli abangu-17 abashone engozini enyantisa igazi.
Imibiko yokuqala ithi itekisi elayisha abantu abangu-22 ishayisane ne-SUV, ehluleke ukulawuleka ngenxa yokuqhuma kwesondo.
Zombili izimoto zishe zangqongqa kwathi abagibeli abangu-17 basha bangqongqa. Abanye abasindile baphuthunyiswe esibhedlela base bededelwa ngemuva kwesikathi.
UMorris Petja, okhulumela umndeni wakwaValoyi nongumqashi kaMaria uthe ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi uMaria ubengayeki ukukhuluma ngabazukulu bakhe, obekumele babuye ngokuvulwa kwezikole.
“Ngenkathi sizwa lezi zindaba uMaria uvele waquleka. Ngimphuthumise kudokotela futhi ulokhu ebuza ukuthi kungani le nhlekelele yehlele umndeni wakhe,” kusho uPetja etshela i-Scrolla.Africa.
Ilungu lomndeni lithe uMaria ubenobudlelwane obukhethekile noMashoto noPalesa ngoba wayebanakekela ngesikhathi uSinah esesikoleni.
“Babengahlukani. Angazi noma uzokwamukela yini ukuthi abasekho futhi ngeke aphinde ababone.”
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnu Nkakareng Rakgoale, uthe osonhlalakahle bomnyango wakhe bazosiza ngokuthi imindeni eshonelwe yelulekwe ngokwenqondo.