Usizi izingane ziquleka ngenxa yendlala ezikoleni zaKwaZulu-Natal 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uyehluleka ukuhlinzeka izingane ezilambile ngokudla.

I-Scrolla.Africa sivakashele izikole eziningi endaweni yaseMtubatuba ngoLwesithathu sazibonela indlala nobuhlungu emiphakathini kanye nasezinganeni.

Izikole ezithintekile kubalwa isikole samabanga aphansi iNkonyane, isikole samabanga aphansi iNgaqa Full Service, ezimbili zamabanga aphezulu iMachibini kanye ne-Mawombe ezisezindaweni zasemakhaya lapho imiphakathi eminingi ethembele kwizibonelelo zikahulumeni.

Inkinga yokondleka esiphenduke isimo esiphuthumayo ezinganeni zesikole ezingaphezu kwezigidi ezinhlanu KwaZulu-Natal idale usizi emiphakathini yaseMtubatuba naseJozini enyakatho ekude yesifundazwe.

Abazali babafundi baseNkonyane bayalelwe ukuthi bakhiphe u-R20 kabili ngenyanga ukuze kuthengwe ukudla kwesikole njengoba sekuphele izinyanga ezimbili isikole singakutholi ukudla.

USihlalo wesigungu esilawula isikole eNkonyane, uMnu Velephi Mdletshe uchaze ukuthi emhlanganweni abazali bavumelene ngokuthi banikele ukuze kuthengwe ukudla kwezingane.

Baphinde batshelwa ukuthi kungenzeka ukuthi bathole ukudla okuvela emnyangweni kuphela ngoNhlangulana noma ngoNtulikazi.

Amalungu omphakathi aseMachibini aveze ukuthi izingane zasezikoleni ezimbili zamabanga aphezulu iMachibini, iMawombe kanye nesikole samabanga aphansi iNgaqa Full Service azikutholi ukudla okwanele. Ezinye izingane zike zaquleka ngenxa yendlala.

Abazali abadabukile balandisa ngezingane zabo ezifika ekhaya zikhala zisho ukuthi azizange zidle ngoba ukudla kuphele kungakafiki kubona.

Ezimweni ezinzima abapheki bebeletha ukudla okuvela emakhaya abo njenge-knorrox nesobho ukuze baphakele izingane zesikole. Esikoleni samabanga aphezulu iMawombe abafundi bebematasa belima ingadi entsha ukuze batshale imifino ngenxa yendlala nokuswela ukudla.

Ngaphezu kwalokho abazali badalule ukuthi izingane ziyacelwa ukuthi ziphathe izinkuni esikoleni njengoba ugesi namanzi okupheka kungekho.

Uhulumeni waKwaZulu-Natal ukhiphe isitatimende ngeledlule wathi zonke izikole zikutholile ukudla okunomsoco.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMuzi Mahlambi akazange ayiphendule imibuzo athunyelelwe yona ngomqhafazo nango-WhatsApp. Imizamo eminingi yokumthola ngocingo ayiphumelelanga.

Esithombeni esingenhla: Isikole samabanga aphezulu iMachibini lapho okuquleke khona izingane ngenxa yendlala

Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane

Izihloko zakamuva