Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Njengoba abafundi bakuleli bebuyela esikoleni ngoLwesithathu, amasango esikole iMatshidiso Special School angase avalwe ngemuva kokuthi izigebengu zigqekeze zantshontsha izinsiza zokwelapha.
Ukubuyela kwabafundi esikoleni kusengcupheni ngemuva kokuthi izigebengu zintshontshe izinsiza zomtholampilo ongumahamba nendlwana wesikole iTsakane ngempelasonto.
UThishomkhulu uThapelo Tshetlo uthe umtholampilo ubalulekile ngoba isikole sibhekelela izingane ezinezidingo ezikhethekile, iningi lazo ezibhekana nezimo eziphuthumayo kwesinye isikhathi.
“Njengoba abafundi bezobuyela esikoleni kusukela ngoLwesithathu, sizozibheka kanjani nezimo eziphuthumayo ekubeni ezinye zezinsiza zintshontshiwe?” kubuza uThishomkhulu.
Uhlu olude lwezinto ezibalulekile ezintshontshiwe luhlanganisa ama-nebulisers, ama-oxygen cylinders, imishini ye-BP, nemishini ye-HGF esetshinziswa ukufaka i-glucose egazini.
“Lezi zigebengu azinanhliziyo baze bantshontsha ngisho nama-sanitary pads, ama-HB metres okuhlola igazi nemishini yomfutho wegazi,” kwengeza uTshetlo.
Baphinde bagqekeza kwamanye amakilasi ayisikhombisa kanjalo nekhishi. Esinye sezitofu zabo ezimbili sitholwe ngasocingweni lonogada besikole sigqitshwe ngotshani obude.
Okwamanje akwaziwa ukuthi izigebengu zigqekeze nini esikoleni, kodwa babone ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi abasebenzi beya kulesi sikhungo belungiselela ukuvulwa kwesikole kuleli sonto.
UTshetlo wengeze ngokuthi isikole sike sagqekezelwa eminyakeni emithathu edlule.
Uthi lesi sikole siqeqesha amakhono futhi sisebenzisa ezinye zezinsiza ezisuke zingantshontshwa uma kufundwa.
“Kumele sibagqugquzele kanjani laba bafundi ekubeni minyaka yonke bayantshontshelwa? Silindele izakhamizi ukuthi zisivikele isikole njengoba kuyisona sodwa isikhungo esamukela izingane ezinezidingo ezikhethekile endaweni,” engeza.
USihlalo we-SGB, uJosias Hlambisse unxusa umphakathi ukuthi usize ukuvikela isikole.
“IMatshidiso isona sodwa isikole esibhekelela izidingo zabafundi abanezidingo ezikhethekile endaweni, kumele sivikelwe mihla namalanga.”
Okhulumela amaphoyisa aseTsakani, uSayitsheni Lerato Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokugqekezwa.
“Akekho umsolwa osaboshiwe kanti sicela noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi obani abenze lokhu baphumele obala.”
Isithombe esingenhla: Ikhabethe elihlala imithi e-Matshidiso Special School
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo