Usizi itekisi lingena emzini womuntu

Buziwe Nocuze

UXolani Ndlela uphuma njalo ekhaya ngehora lesithupha ekuseni eya emsebenzini. Kodwa ngoLwesibili usheshe waphuma kusasele imzuzu engu-30 ukuba kushaye ihora lesithupha  lokho kwasindisa impilo yakhe.

“Bengingahlelile ukusheshe ngihambe ekhaya kuvele kwazenzakalela,” kusho uXolani wase-Delft eKapa.

Emuva kwemizuzu embalwa ephumile emjondolo wakhe kuqhamuke itekisi ebigijima ngesivinini esiphezulu yashayisa umjondolo wakhe.

“Ngikholwa ukuthi bekuyisu likaNkulunkulu ngoba ukube bengiphakathi emjondolo wami ngesikhathi kwenzeka lokhu ngabe sikhuluma okunye manje.

Kusolakala ukuthi umshayeli wetekisi ubebalekela izinkabi ebezihlomile.

UXolani ubesendleleni eya erenki wathola ucingo lumazisa ngesigameko esibi esenzeke emjondolo wakhe.

“Into yokuqala efike engqondweni yami umlilo. Bengithi ngizogoduka ngiyofica umjondolo wami usungumlotha,” kusho uXolani. 

“Lo wesifazane ofonile uzwakale ekhululekile ngoba ubecabanga ukuthi ngingaphakathi emjondolo. Ngishaqekile sengifica itekisi ingaphakathi emjondolo wami.”

Umshayeli ubesengaphakathi etekisini.

“Ubesezinhlungwini ekhala ecela usizo. Izakhamuzi zamthatha zamyisa esibhedlela.”

Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni uWesley Twigg uthe baphenya icala lokuzama ukubulala ngemuva kwesigameko sokudubula ngoMsombuluko lapho kudutshulwe khona umshayeli wetekisi oneminyaka engu-46 walimala. Umsolwa ubalekile endaweni yesigameko kanti akakaboshwa.

Scrolla World Cup Quiz