Buziwe Nocuze
Abafundi abathathu abebehamba eceleni komgwaqo i-Old Faure Road eMfuleni eKapa, ngoMsombuluko bashayiswe imoto yamaphoyisa.
Isakhamuzi sithe amaphoyisa ebeshayela ngesivinini esiphezulu.
“Izingane zizamile ukubaleka ngesikhathi zibona imoto iza ngakuzona kodwa zihlulekile ukushiya imoto ebihamba ngesivinini esiphezulu,” kusho isakhamuzi.
Omunye ufakazi uLuvuyo Ndlovu uthe ubesemgwaqeni ofanayo ngesikhathi kudlula le moto ihamba ngesivinini esiphezulu.
“Ngendlela abebeshayela ngayo ngibonile ukuthi bazodala ingozi,” esho.
“Ngemuva kwemizuzu embalwa ngizwe ukuqhuma okukhulu ngesikhathi ngibheka emuva ngibone abafundi abathathu ababegqoke umfaniswano wesikole belele eduze komgwaqo.”
Uthe bekungafanele ukuthi izimpilo zezingane ziphele kanjalo.
“Siyethemba ukuthi kulokhu ubulungiswa bakuleli angeke budumaze imindeni,” kusho uNdlovu.
Kukholakala ukuthi amaphoyisa abephuthuma endaweni yesigameko lapho obekudunwe khona imoto. Umshayeli uzame ukudlula imoto ebiphambi kwabo ngesikhathi beshayisa izingane.
Umphakathi obuthukuthele ugane unwabu ubufuna ukuhlasela amaphoyisa kodwa wavinjwa abaholi bawo.
Okhulumela abakwa-SAPS e-Western Cape uColonel Andre Traut, uthe kushone abafana ababili abebehamba ngezinyawo ngesikhathikwathi oyedwa eliwalimala ngesikhathi beshayiswa imoto yamaphoyisa, uphindewaphinde wengeza ngokuthi amaphoyisa aseMfuleni aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
“Izimo ngale ngozi azikacaci. Abagibeli bemoto yamaphoyisa abalimalanga ngesikhathi kwenzeka ingozi,” kwengeza uTraut.