Usizi imindeni ilinde lwababhubhe ezikhukhuleni

Celani Sikhakhane

Ngemuva kobuhlungu bokushonelwa yizihlobo zabo ezikhukhuleni ngesonto eledlule, ulayini omude kanye nezinsuku zokubambezeleka emakhazeni aseThekwini kwengeze usizi emindenini.

UMnu Sbonelo Herbert Zulu (48) nesihlobo sakhe uLuyanda Khumalo (9) bagugulwe yizikhukhula belele emakhaya abo eMolweni, entshonalanga yeTheku, ngesonto eledlule.

Umazisi kaZulu uye walahleka, okuphoqe umndeni wakhe waseNkonjeni ukuthi uhambe amahora amane ulibangise eThekwini ngoLwesibili ukuyokwenza ulibofuzo okuyinto umndeni otshelwe ukuthi iyona kuphela indlela yokumkhomba.

UMandla Khumalo wasoLundi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathe befika eThekwini bahlangabezwa olayini abade emakhazeni.

“Sigcine singalutholanga usizo futhi besingenayo nendawo yokulala,” esho.

AbakwaKhumalo nabakwaZulu bahlobene ngogogo wabo.

UKhumalo uthe uMasipala wasoLundi usuvele wanikela ngokusiza ngokungcwaba uSbonelo kodwa ngaphandle kwemiphumela yolibofuzo akukho okutheni abangakwenza.

Uthe uLuyanda usehlonziwe njengoba amaphepha akhe ekhona. Uzofihlwa eThekwini emzini kanina.

Kusukela ngoLwesibili ebusuku, isibalo sabashonile ngenxa yezikhukhula simi ku-448.

Iningi labashonile bekungabantu abebeseThekwini ngenxa yamathuba omsebenzi kanti izihlobo zabo sezifuna ukubathwala zibabuyisele ezigodini zangakubo ukuze bangcwatshwe.

Okhulumela i-National Funeral Practitioners Association uMnu Muzi Hlengwa ugcizelele ukuthi kuyimanje kunesimo esibucayi njengoba amakhaza kahulumeni engakhoni ukusebenza kahle njengoba kunezidumbu ezinqwabelene emakhazeni.

“Ngakho-ke uma ikhona indlela esingeqa ngayo ukuhlolwa kwezidumbu singabonga kanti futhi izidumbu zingabukwa bese ziyadedelwa,” kusho uHlengwa.

Izihloko zakamuva