Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
UMandla Xulu uduke ngoLwesithathu ekuseni. Ushiye umkakhe ekhaya labo futhi akazange amtshele ukuthi uyaphi.
Ngemuva kokumbheka bengamtholi umfowabo kaMandla, uBubula Xulu uye esiteshini samaphoyisa e-Hillbrow. Ubelindele ukuthi uzofika abike ukuthi umfowabo ulahlekile. Kunalokho amaphoyisa amkhombise isidumbu sikamfowabo.
UMandla ungene kulesi siteshi ngehora leshumi nanye ekuseni ememeza ethi kunabantu abamjahayo ucela amaphoyisa amsize.
Lo mlisa (52) ubedidekile futhi engumuntu ongalawuleki.
Kodwa ngaphambi kokuthi amaphoyisa amvimbe uye wakhiphe isibhamu sakhe wazikhomba ngaso wazidubula.
UBubula ukhulume ne-Scrolla.Africa ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa.
“Bengize lapha esiteshini samaphoyisa hhayi ukuthi ngizothola isidumbu sakhe. Kodwa ngiye ngathuka kwaphela nasozwaneni ngesikhathi amaphoyisa engingenisa ngaphakathi esiteshini ethi ngizobheka ukuthi ngabe lo mlisa ozibulele akuyena yini engimfunayo,” esho.
“Umfowethu ubesechibini legazi.”
UBubula uthe akakholwa ukuthi kukhona obejaha uMandla. Uthi wake wambona umfowabo ebonisa lolu hlobo lokuziphatha okungazinzile ngaphambili.
UBubula uthe umfowabo uke wakhombisa izimpawu ezifanayo zokugula ngengqondo eminyakeni edlule, ekholwa ukuthi kunabantu abamjahayo. Kodwa uthe welashwa ngemuva kokuthi bevakashele umelaphi wendabuko.
“Besikhathazekile ngesikhathi singamtholi ekuseni,” kusho uBubula.
UBubula uthe uMandla ubesebenza njengonogada kwesinye sezitolo e-Hillbrow.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli, uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe amaphoyisa avule idokodo lophenyo ukuze kuphenywe ngemuva kokuthi ilungu lomphakathi lizidubule ngaphakathi e-Client Service Centre esiteshini samaphoyisa e-Hillbrow.
“Umufi ungene esiteshini wabikela amaphoyisa ukuthi uyabona futhi uyezwa ukuthi kunabantu abamjahayo.
“Uvele wakhipha isibhamu wazidubula kwisingenhla somzimba wakhe. Ushonele endaweni yesigameko,” kusho uMasondo.
UMasondo uthe uphenyo lokuqala luveze ukuthi isibhamu bekungesakhe umufi.
Amaphoyisa namalungu omphakathi azibonele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko bathola ukwelulekwa ngokwengqondo.
Ngemuva kwamahora ambalwa uMandla ezidubulile iveni yamakhaza iye yafika yathatha isidumbu sakhe.
Esithombeni esingenhla: UBubula Xulu emi ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa e-Hillbrow
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga